KUZOCACISA imiphumela yodokotela ngomshayisibhakela uSimiso "Gandaganda" Buthelezi, ophume eringini ngeSonto esethwelwe ngohlaka.
UButhelezi waseDumbe, ubekade ebhekene noSiphesihle Mntungwa empini yebhande le-WBF All Africa Lightweight eGreyville Convention Centre, eThekwini, ezimpini ebezihlelwe yiStarline Boxing Promotion kaZandile Malinga.
Ubonakale eseshaya umoya, kucaca ukuthi kukhona ukuthinteka okusekhanda. Ngaleso sikhathi uMntungwa ubekade engemuva kwakhe nokuyilapho unompempe, u-Elroy Marshall, engenelele khona wamubamba, kwaphuthuma odokotela eringini. Emuva kokunyangwa eringini, uButhelezi uphuthunyiswe esibhedlela.
UMalinga uthe uButhelezi uzophinda ahlolwe ngodokotela ukuqinisekisa ukuthi kwenzekeni.
"Sikhulekela ukuthi alulame ngokushesha uButhelezi. Ukulimala okufuze lokhu kuyenzeka emdlalweni wesibhakela. Kodwa odokotela benza ngakho konke ukusilawula isimo. Ngesikhathi efika esibhedlela bamhlolile, bamlalisa. Bathembise ukuthi bazosinika umbiko oqondile uma sebemhlolile okwesibili okuzokwenzeka namuhla (izolo)," kusho uMalinga.
"Nginalo ithemba lokuthi uzolulama ngoba usheshile ukuthola usizo kusukela kwenzeka isehlakalo eringini kuze kuba ufika esibhedlela. Ezimpini kade sinodokotela ababili abajwayele ukusebenza esibhakeleni. Nasesibhedlela bamemukele ngokushesha. Ngithandazela ukuthi alulame."
Emuva kokusabalala kwe-video ezinkundleni zokuxhumana yesigameko, abashayisibhakela abasezifundazweni ezahlukene, izikhulu nabaqeqeshi babhale imiyalezo befisela uButhelezi ukwelulama. UMntungwa usebenzise lelo thuba ukufisela imbangi yakhe ukwelulama.
"Ngimfisela ukwelulama okusheshayo. UNkulunkulu abenaye. Ungumshayisibhakela oqinile. Ngiyamhlonipha kakhulu kulo mdlalo. Uyinkunzi Shenge, qina Bafo nginawe ndoda yamadoda ngomkhuleko," kubhala uMntungwa.
Kwezinye izimpi zangempelasonto, uThemba Zuma uwine ibhande le-SA Female Junior Bantamweight ehlula uBathabile Ziqubu ngamaphuzu. UPrince Dlomo uvikele ngempumelelo ibhande le-SA Junior Welterweight kuXolani Mgidi waseMpumalanga. Empini yemizuliswano eyisithupha, uMduduzi Mzimela wehlule ngamaphuzu uLucky Hobyane. UMxolisi Sibiya uvulele isibhaxu kuMusawenkosi Ndwandwe.