ASEQALILE ukutheleka kuleli amaqembu azobamba iqhaza eNdebeni yoMhlaba ye-netball ezoqala ngoLwesihlanu, eCape Town International Convention Centre, eKapa.
Phakathi kwamaqembu asefikile kuleli dolobha kubalwa i-England, Jamaica, Singapore, Fiji ne-Australia kanti inqwaba izofika lingakapheli leli sonto.
Lo mqhudelwano uzohlanganisa amaqembu angu-16, aqhathwe emaqoqweni amane. KuGroup A kuzobanga i-Australia, esinqobe lo mqhudelwano amahlandla angu-11, iTonga, iZimbabwe neFiji, kanti kuGroup B kufakwe i-England, iMalawi, iScotland neBarbados.
Iqembu lakuleli, iSPAR Proteas, lizoqala kuGroup C lapho lizodudulana khona neJamaica, iWales neSri Lanka, uGroup D une-Uganda, iSingapore, iTrinidad neTobago kanjalo neNew Zealand.
Ukuhoxa kwenkampani iVitality njengabaxhasi abakhulu balo mqhudelwao emasontweni amabili edlule kushiye imibuzo eminingi kodwa ikomiti eliwuhlelayo limile ekutheni akuzange kuziphazamise izinhlelo.
Inkampani yezokuxhumana iTelkom neyezitolo iSpar basaqhubeka njengabaxhasi abakhulu, behambisana nenkampani yamahhotela iSouthern Sun neGilbert, ekhiqiza amabhola okuzodlalwa ngawo.
Ngaphezu kwalokho, ngempelasonto kumenyezelwe abanye abaxhasi abazogxila emikhakheni eyehlukene, iHollywoodbets, iRedBull, iWoodlands Dairy (First Choice), iMitchum neBloc Footwear.
“I-netball iwumdlalo odlalwa ngamaqembu futhi kuyasijabulisa ukuba nalaba baxhasi njengengxenye ebalulekile yeqembu lethu. Ukubambisana okufana nalokhu kubalulekile ukuze umqhudelwano uphumelele uphinde usize ekukhuleni nasekuhlonishweni kwe-netball nemidlalo yabesifazane yonkana,” kusho umqondisi walo mqhudelwano uPriscilla Masisi.
“Njengoba sibheke ngabomvu izinsuku ezingu-10 zalo mqhudelwano ozoqhubeka eKapa, sidlulisa ukubonga kubo bonke abaxhasi nabanye ozakwethu abafake isandla. Sibheke ukuba nomqhudelwano oyimpumelelo futhi ozohlale ukhunjulwa.”
AmaProteas abheke ukwenza okungcono kunalokhu akwenza eNdebeni yoMhlaba edlule eyadlalelwa eLiverpool ngo-2019, lapho aqeda khona endaweni yesine.
Umakadebona oyibamba emuva, uKarla Pretorius, uthe sebeyawaphothula amalungiselelo ngaphansi kweso lomqeqeshi onamava wase-Australia, uNorma Plummer, futhi sebebheke ukungena enkundleni.
“Amalungiselelo abesahamba kahle kuze kube yimanje. Kade sizilolonga futhi sesiwukhuphulile umfutho. Sisebenza ngokuzikhandla, ikakhulukazi ekucijeni amakhono ethu umdlali ngamunye, kodwa siphinde singene enkundleni sibone ukuthi iqembu lihlangana kanjani,” kusho uPretorius.
“Ngingathi izinto zihamba kahle, kuvunguza umoya omuhle eqenjini, ngakho ngicabanga ukuthi sisendleleni efanele futhi sesibheke umdlalo wokuqala.”
AmaProteas azovula neWales ngoLwesihlanu, ngo-6 ntambama, ngaphambi kokududulana neSri Lanka ngoMgqibelo ngo-4 ntambama, bese ebhekana neJamaica ngeSonto ngo-6 ntambama.