XOLILE MPISANE
UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, wenze izinguquko ezintathu eqenjini elizoqala umdlalo wokuqala wohambo lwase-Europe neWales eCardiff ngoMgqibelo.
Lo mdlalo uzoqala ngo-7:30 ebusuku ePrincipality Stadium.
UDamian Willemse, Jesse Kriel noHerschel Jantjies yibona abadlali abathathu abafakiwe abangazange bawuqale umdlalo wokugcina weRugby Championship neNew Zealand.
Bangene endaweni kaWillie le Roux, Faf de Klerk noSbu Nkosi. ULe Roux unikezwe isikhathi sokuphumula, uDe Klerk ulimele enqulwini kanti uNkosi usalungisa amaphepha akhe okungena e-United Kingdom.
Olunye ushintsho lwenziwe ebhentshini uCobus Reinach engena esikhaleni sikaJantjies.
“Siqoke leli qembu ngoba sifuna ukugcina leli esilisebenzise kwi-Rugby Championship kodwa sifuna ukunika nabanye abadlali ithuba,” kusho uNienaber.
“UDamian noHerschel sebedlale imidlalo eminingi besuka ebhentshini kodwa sifuna ukubona ukuthi yikuphi abangakwenza uma beqalile njengoba silungiselela iNdebe yoMhlaba ka-2023.
“UJesse naye ubelokhu eyingxenye yeqembu lethu futhi esebenza kanzima. Unamava futhi uletha amandla azodingeka ukuze simelane neWales.
La maqembu agcina ukubhekana kowandulela owamanqamu kwiNdebe yoMhlaba ka-2019, kwanqoba amaBhokobhoko ngo 19-16.
U-Nienaber uthe ulindele enye impi enzima eqenjini laseWales enenqwaba yabadlali ababeyingxenye yeqembu lama-British & Irish Lions elidlale namaBhokobhoko eNingizimu Afrika kulo nyaka.
“I-Wales iyiqembu eliseqophelweni eliphezulu, futhi leli yithuba labadlali ukuthi bazibonakalise," kusho u-Nienaber.
“Sijwayele ukuthwala kanzima uba sidlala nabo enkundleni yabo futhi nemiphumela iyakufakazela lokho.
“Noma behlulwe ngama-All Blacks ngesonto eledlule (54-16) kodwa siyazi ukuthi iningi lezethenjwa zabo bezingekho. Sezibuyile manje.
“Ikhempu yethu ebiseFrance ihambe kahle kakhulu futhi nabadlali abazinze phesheya bebedlala emaqenjini abo. Bonke basesimeni esihle futhi sesilangazelele ukubuyela enkundleni."
Ngemuva kwalo mdlalo amaBhokobhoko azodlulela e-Edinburgh lapho ezobhekana khona neScotland bese elibangisa eLondon eyodlala ne-England.