USiyabulela Mkhwalo, ongumengameli wenhlangano ephethe isibhakela sama-amesha kuleli, iSouth African National Boxing Organisation (Sanabo), wazise Isolezwe ukuthi uPhilile "Gandaganda" Ndelu waseMlaza ngeke esaba yingxenye yalo mqhudelwano oqhubeka e-Instabul.
Uthe ngesikhathi i-International Boxing Association (IBA) ihlola amarekhodi abasubathi, ithole ukuthi uNdelu unezimpi ezincane.
Ngokomthetho uma ibhokisa lilwa ezingeni lomhlaba kumele libe neziyishumi kuya phezulu.
"Sigqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokukhishwa kukaNdelu. Ungelinye lamabhokisa abesinesiqiniseko sokuthi lizobuya nendondo eTurkey. Njengoba kuyiwa kumaCommonwelth Games, besithemba ukuthi eTurkey uzokuqinisekisa lokhu. Akusenani, sethemba ukuthi lawa azoqhubeka nokulwa azoyibamba ishisa," kubeka uMkhwalo.
Ebuzwa uMkhwalo ukuthi bebengayazi yini imithetho, uzivikele ngokuthi baseyibhodi elisha, okunye wukuthi elakuleli selihlale iminyaka emine lingeyona ingxenye yemiqhudelwano yomhlaba.
UNdelu ungomunye wamabhokisa enze into yamehlo kuma-AFBC Zone IV Championships abeseMozambique ngenyanga edlule.
Kulo mqhudelwano elakuleli libuye nezindondo eziwu-17. Zibe nhlanu ezegolide nezesiliva, zaba yisikhombisa ezethusi.
UMkhwalo uthe izithiyo ziqale bengakasuki kuleli.
"Empeleni bekumele siye eTurkey namabhokisa awu-11. Kube sekuhoxa u-Anele Ndlovu ngenxa yokuxinwa yisikole. Ngosuku lokuhamba, ngoLwesine olwedlule, kutholakale ukuthi u-Asanda Ndlovu wase-Eastern Cape uphethwe ukhuvethe. Sibe sesihamba namabhokisa ayisishiyagalolunye. Ngebhadi kuphindwe kwakhishwa uNdelu.“
Mayelana nesibalo sezindondo esilindeleke eTurkey, uMkhwalo uthe: "Ngeke sithwese amantombazane ethu ijoka lesibalo sezindondo. Sizomukela lezi abazobuya nazo. Ukhumbule ukuthi kuphele iminyaka emine amabhokisa ethu engancintisani ezingeni lomhlaba. ETurkey azobe elwa nabantu abangakaze banyamalale esibhakeleni somhlaba. Siwafisela inhlanhla.“
IWomen's World Boxing Championships iqale izolo, izosongwa ngoMeyi 20.
Idlalwa njalo ngemuva kweminyaka emine. Alinganiselwa ku-416 amabhokisa azolwa, aphuma emazweni awu-93.
Selimi kanje iqembu lakuleli:
Vuyolwethu Dila (46kg), Lerato Mathiba (50kg), Zakhona Mayoli (63kg), Graine Dicks (75kg), Lethukuthula Sibisi (54kg), Siphosethu Daweti (60kg) noMateko Sithole (61kg).