IZOQHAKAZISWA ukuhanjelwa ngabasubathi bezinga eliphezulu iNanda Dam Training Run ehlelwa umakadebona wamabanga amade, uProdigal Khumalo weHollywoodbets AC.
Lo mjaho okusasa wokuziqeqesha, okungunyaka weshumi wenziwa, uhlukene ngamabanga amathathu.
Umjaho omkhulu ngoka-50km, uqala ngo-5 ekuseni. Kunanebanga lika-40km nelika-30km.
Yonke izoqala iphinde iphelele eNanda Dam Green Corridors.
UKhumalo owaziwa ngokuhlale enza kahle kwiComrades Marathon, utshele Isolezwe ukuthi phakathi kwabazoba yingxenye yeNanda Dam Training Run, uBongmusa Mthembu osenqobe iComrades kathathu, Nkosikhona Mhlakwana osanda kunqoba iPrince Mangusuthu 52km Ultra Marathon, Eric Ngubane naye ongathintwa kumabanga amade, Mbuleli Mathanga ongumpetha wakukeli ku-10 000m, Sipho Mbanjwa, intokazi uMakhosi Mhlongo, ukusho abambalwa.
"INanda Dam Training Run isemijahweni esiqala ukuhlonishwa iNingizimu Afrika yonke. Isigcwala abasubathi abasuka ngaphandle kwelakuleli, Gauteng, Western Cape nasezingxenyeni ezehlukene KwaZulu-Natal. Okunye okusijabulisayo ukwanda kwabaxhasi abasesekayo. Kulo nyaka simeme abasubathi abangu-100. Lolu hlobo lomjaho luzobasiza kakhulu abasubathi. Bazoqina ngokomzimba nangokomqondo," kubeka uKhumalo.
Uveze nokuthi iNanda Dam Training Run izovezwa kwaSuperSport ohlelweni iTop Runner oluboniswa ngo-6 ntambama, ngoMsombuluko.
Emasontweni ambalwa edlule uKhumalo, Mhlakwana, Mthembu bebeyingxenye yeCape Town Ultra Trail (CTUT).
UKhumalo obuye abe yinxusa lakwaMr Price Sports, uveze ukuthi nangalo usuku lweNanda Dam Training Run izovunyelwa imingenelo kusukela ngo-4 entathakusa kuya ku-4.45 khona ekuseni.
U-R200 ebangeni lika-50km, R150 kwelika-40km bese kuba u-R100 kwelika-30km.
Imingenelo ingafakwa naku-www.eventtiming.co.za. Ngemininingwane ephelele kungashayelwa uKhumalo ku-0604966781 noma kuthintwe uMakhosi Mhlongo kwethi: 0614687796.
Sisekuzo ezalolu hlobo lomjaho, intaka izobe ibekelwe amazolo kwiBongmusa Mthembu Training Marathon 60km, ezoba ngeSonto. Iqala ngo-5.30 ekuseni eNzinga Stadium, eMpendle, iphelele KwaBhambatha Stadium, eBulwer. Ngolwazi oluphelele kuthintwa uThuso Mosiea ku:0833950547.