UKAPUTENI weHollywoodbets Dolphins, uPrenelan Subrayen, ukhale ngamaphutha abawenze ngasekupheleni kwe-innings yabo ngesikhathi bedliwa yiMomentum Multiply Titans emdlalweni wokuvula we-CSA T20 Challenge ngoMsombuluko.
ITitans inqobe lo mdlalo obudlalelwa eJB Marks Oval, ePotchefstroom, ngama-run angu-34 njengoba iDolphins ihlulekile ukuthola ama-run obekufanele iwashaye kuma-over ayo angu-20.
EzikaSubrayen ziwine ithosi lokaputeni wakhetha ukuthi zishwibe kuqala. ITitans ishaye ama-run angu-168 kuma-over ayo angu-20 yaqeda isilahlekelwe amawikhethi ayisithupha. UDewald Brevis (19) uthole ama-run angu-57 emabholeni angu-44.
IDolphins iqale kahle futhi bekubukeka sengathi izowuthatha umdlalo ngesikhathi u-Grant Roelofsen ehlanganisa ama-run angu-68 emabholeni angu-42. Nokho, izinto zibhedile ngemuva kokukhishwa kwakhe njengoba ozakwabo bemlandele eduze.
Iqembu laKwaZulu-Natal, likhishwe lonke ngemuva kwama-over angu-18.4 lisashaye ama-run angu-134 kuphela.
"Ngicabanga ukuthi besiza kahle kodwa izinto zibhimbe ngesikhathi silahlekelwa amawikhethi ngokushesha ngasekugcineni. Kube nokungaxhumani kahle okuholele ekutheni sibe baningi esikhishwa ngama-runout," kusho u-Subrayen.
"Abashwibi bethu badlale kahle. Kube namathuba ambalwa lapho sihluleke khona ukunqaka ibhola, kwezinye izikhathi lawela ezikhaleni. Ukuba siwasebenzisile bekuzosisiza ukuthi sinciphise ama-run ashaywe yiTitans.
“Nakanjani sizobuyela emuva siyolungiselela umdlalo olandelayo, sizame ukulungisa amaphutha ethu."
Komunye umdlalo odlalwe ngoMsombuluko, uSenuran Muthusamy uthole ama-run angu-60 emabholeni angu-29 ngesikhathi iNorth West Dragons idla i-Imperial Lions ngamawikhethi amane.
Ayisishiyagalombili amaqembu aqhamuka ezindaweni ezahlukene kuleli ayingxenye yalo mqhudelwano, okuyiDolphins, Titans, Dragons, Lions, ITEC Knights, Gbets Rocks, Gbets Warriors kanye neSix Gun Grill Western Province.
Amaqembu amane azoqeda eqhwakele kwi-log ngemuva kokuphothulwa kwemidlalo yamaqoqo azodlulela kweyandulela owamanqamu. Yonke imidlalo izodlalelwa eJB Marks Oval.
IDolphins izobuyela enkundleni uma isizodudulana neDragons ngoLwesithathu ebusuku ngo-6 ntambama.