ITHIMBA likaZolani "The Last Born" Tete seliqome ukulufaka kubameli udaba lokutholakala emzimbeni wakhe nesikhuthazamzimba esingavumelèkile kwezamankomane.
Ngemuva kokuthi lo mshayisibhakela eshaye uJason Cunningham wase-United Kingdom (UK), ngomngqimuzo womlalisa phansi emzuliswanweni wesine, inhlangano ehlola izidakamizwa, i-UK-Anti Doping (UKAD), ithole ukuthi emchamweni wakhe kunesikhuthazamzimba esaziwa nge-Stanozolol.
Le mpi beyinyakenye ngoJulayi 2, eWembley, e-England.
Lo mshayisibhakela nethimba lakhe, okunguFrank Warren weQueensbury Promotions yakhona e-UK nemenenja yakhe, uMlandeli Tengimfene, kabazamukelanga kahle lezi zindaba.
Bafune ukuthi aphinde ahlolwe. Umphumela wesibili ubuye ufana nowokuqala.
Kuyimanje iBoxing South Africa (BSA) iyimisile i-licence yokulwa kaTete oseke waba ingqwele yeWBO World Bantamweight.
Kube sekuvela ukuthi ulengela engozini yokugwetshwa iminyaka emine engalwi.
UTengimfene utshele Isolezwe ukuthi kungamanga aluhlaza ukuthi uTete usevele ugwetshwe le minyaka.
Udalule ukuthi ngemuva kokubuya komphumela wesibili, udaba balufake kubameli.
Uveze ukuthi bazeseka ngokuthi umshayisibhakela wabo akasidlanga ngamasibomu lesi sikhuthazamzimba. Kungenzeka ukuthi wasithola kuma-supplement awasebenzisayo noma entweni ayiphuza.
Uthe inhloso yabo ukuthi ashaywe ngoswazi oluncane uma kwenzeka limlahla icala.
UTengimfene uveze nokuthi okubajabulisayo ukuthi nomqhathi kaZolani, uWarren akakholwa ukuthi ibhokisa labo lasebenzisa isikhuthazamzimba ngenhloso.
"Ukuqulwa kwaleli cala kuqale ngoMashi. NguWarren okhokhela izindleko zabameli. Ngeke sikuvume ukuthi liphele kanjalo ikusasa likaZolani ngento angayenzanga eqondile. Ubufakazi obubekwe ngabameli bethu businika ithemba. Selokhu uZolani aqala isibhakela esikhokhelayo akakaze abanjwe ngisho ephuzile noma enza into engavumelekile. Ezingeni lomhlaba usehlolwe kawu-12. Akazange atholakale nalutho ekuhlolweni okuwu-11.
"Ungumshayisibhakela wezinga eliphezulu, ubengasidlelani lesi sikhuthazamzimba ebe azi kahle ukuthi uzohlolwa ngemuva kwempi? Uma icala limlahla okungenani akathole isigwebo esincane," kubeka uTengimfene oveze ukuthi balindele ukuthi ukuqulwa kwaleli cala kuphele ngasekupheleni kukaJuni noma ekuqaleni kukaJulayi.
Lesi sikhulu siveze ukuthi lo mshayisibhakela akayekile ukujima. Sithe ubuye asize ekuqeqesheni amanye amabhokisa ejimini.
Siveze nokuthi ngoJulayi 22, inkampani kaTete, iLast Born Promotions, izokwenza umqhudelwano ozoba eMonti.