INKAKHA yomsakazi wezokusubatha ebuye ibe wumqeqeshi, u-Alec "The Man in the Sky" Riddle, ithi uWyde van Niekerk uzobuya nayo indondo kumaWorld Athletics Championships, asongwa ngeSonto, e-Oregon, e-United State of America.
Izolo uWayde, owake waba ngumpetha womhlaba kwi-400m ngo-2017, ubuyise ithemba kubantu bakuleli edlulela kowamanqamu aleli banga.
Uphume isibili ngesikhathi esiwu-44.75. Owamanqamu ukusasa ngo-4.35 ekuseni. UZakithi Nene, ogijima ibanga elifanayo, uhlulekile ukudlulela kowamanqamu.
Kuze kube yizolo iNingizimu Afrika ibingakatholi nendondo eyodwa emqhudelwaneni.
Emidlalweni yaseDoha, eQatar elakuleli alitholanga neyokubika indondo.
URiddle, oteketiswa ngoThe Man in the Sky ngenxa yokusakaza imijaho efana Comrades Marathon ekwi-helicopter, utshele Isolezwe ukuthi nakuba uWayde engeke ayinqobe indondo yegolide kodwa uzoyithola eyesiliva noma eyethusi.
"UWayde ugijime kahle kweyokuhlunga. Nasemjahweni owandulela owamanqamu utshengise okukhulu ukuzinikela. Abantu abangalilahli ithemba. Mina ngibona ebuya nayo indondo yesiliva noma eyethusi. Ngabe wenze kahle kakhulu. Uyabona ukuthi ukuhlala isikhathi eside engagijimi ngenxa yokulimala kumphazamisile," kubeka uRiddle owayephethe Izindaba zabagijimi, okubalwa uWillie Mtolo noHendrick Ramaala esengaphansi kukaMr Price eminyakeni edlule.
Ube esekhala ngokwehla kwezinga lezokusubatha kuleli.
"Kumele kube khona okwenziwayo. Ngiphoxelile, bengithemba ukuthi u-Akani Simbine kukhona azokuthola. Ungomunye wabagijimi bezinga eliphezuku emhlabeni kwi-100m. Kasethembe ukuthi uLuxolo Adams uzosimangaza abuye nayo indondo kwi-200m (ugijime ezintatha zanamuhla). Kuyacaca ukuthi izinga lamaWorld Champs liyasibinda. Lokhu kusho ukuthi liphansi kakhulu izinga lethu eNingizimu Afrika," kuqhuba uRiddle, owake wacija noNtombesintu Mfunzi.
Ngalo uLwesine, amathemba akuleli aphinde ashabalala uCaster Semenya engaliboni elidlalayo kwi-500m. Abanye abakhale ngaphansi osukwini olufanayo, nguTshepo Tshite kwabesilisa kwi-800m, Zeney van Der Walt kowandulela owamanqamu we-400mH noJo-Ann van Dyk kwi-javeline.
Kusasa iqembu lakuleli labesilisa le-4x100m Relay elinoSimbine, lizogijima kweyokuhlunga ngo-03.05 ekuseni.
NgeSonto, iqembu lakuleli labesifazane le 4x400m lizogijima eyokuhlunga ngo-2 ekuseni bese kulandela abesilisa ebangeni elifanayo.