UMQEQESHI weqembu labesifazane lakuleli, uHilton Moreeng, ugculisekile ngesimo sikakaputeni waleli qembu, uDane van Niekerk, selokhu ebuye ekulimaleni.
UVan Niekerk walimala iqakala ngoJanuwari futhi ubengekho ngesikhathi leli qembu lidlala kwiNdebe yoMhlaba eNew Zealand nakumaCommonwealth Games abebanjelwe eBirmingham, e-England.
Ngesikhathi engekho, iqembu beliholwa nguSune Luus kodwa ngo-Agasti ukwazile ukubuyela enkundleni edlalela i-Oval Invincibles emqhudelwaneni weThe Hundred phesheya.
Yize engeyona ingxenye yekhempu yamaProteas eqhubekayo eGqeberha, usaqhubeka nezinhlelo zakhe ezikhethekile zokuzilolonga.
"Sigculisekile ngendlela uDane aqhubeka ngayo. Ubeyingxenye yamakhempu ethu amabili edlule futhi kusobala ukuthi usebenza kanzima ukuze amelane nenselelo abhekene nayo," kusho uMoreeng.
"Usedlale imidlalo embalwa emakhempini kanti siyayibona inqubekela phambili. Usendleleni efanele futhi akukho okumkhathazayo.
"Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi uthola isikhathi esanele sokudlala futhi silindele ukuthi alithole ithuba uma sekuqala imidlalo yasekhaya. Ungumdlali ozimiselayo ngakho-ke sijabule kakhulu ngalokho."
Njengoba amaProteas esekhempini, alungiselela ukubhekana ne-India neWest Indies ngoJanuwari. Lolo chungechunge lwamaqembu amathathu kuzoba ngolokugcina ngaphambi kweNdebe yoMhlaba yeT20 ezobanjelwa kuleli ngoFebhuwari.
"Siyajabula ngokuthi amalungiselelo ahamba kahle. La makhempu esiwabambayo yiwona azosiza abadlali bethu ukuthi bajwayele izimo abazobhekana nazo kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo," kuqhuba uMoreeng.
"Imidlalo esiyidlale sodwa ekhempini isikhombisile ukuthi sinenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu, ikakhulukazi njengoba sebebuya nalaba abalimele.
"Isikwati sisesimeni esihle yize sisalindele ukuthi kubuye abanye abadlali abamqoka. Sibheke ukuthi bathole amathuba okudlala emqhudelwaneni wasekhaya."
UTumi Sekhukhune noTrisha Chetty abekho ekhempini ngenxa yokulimala kanti kunenqwaba yabadlali abangabizwanga ngenxa yokuthi badlala kwiBig Bash League e-Australia.
Ngenxa yokungabibikho kwabadlali abafana noLaura Wolvaardt, Shabnim Ismail, Mignon du Preez, Marizanne Kapp noChloe Tryon, umqeqeshi ubize abadlali beqembu lesizwe lika-Under 19 ukuthi bazoba yingxenye yale khempu ezophela ngoMgqibelo ozayo.