UKAPUTENI weqembu lesizwe lekhilikithi lemidlalo yosuku olulodwa, uTemba Bavuma, ukholelwa ekutheni ulwazi abaluthole ochungechungeni lwemidlalo abaludlale neWest Indies luzolisiza iqembu lakhe uma seludlala uchungechunge olumqoka neNetherlands.
AmaProteas asendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ye-ICC Cricket World Cup Super League. Adinga ukuba ngelinye lamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu ukuze azibekisele indawo eNdebeni yoMhlaba ezodlalelwa e-India kusukela ngo-Okthoba kuya kuNovemba.
Uma ehluleka ukwenza lokhu, kuzomele adlale umqhudelwano wokuhlunga ozobanjelwa eZimbabwe kusukela ngoJuni 18 kuya kuJulayi 9.
Uchungechunge neWest Indies luphele zibambene ngo-1-1 kodwa bekungadlalelwa maphuzu kule midlalo. Umdlalo wokuqala wabhuntsha ngenxa yemvula, iWest Indies yanqoba owesibili ngama-run angu-48 ngaphambi kokuthi amaProteas athathe owokugcina ngamawikhethi amane.
“Ngicabanga ukuthi sesithathe izinyathelo ezimbalwa ezisisondeza ekutheni sidlale umdlalo ongenasici. Siyazi ukuthi kusenezifundo okumele sidlule kuzona. Sizobhekana namaqembu ahlukene ezimeni ezahlukene futhi kuzofanele sizijwayeze lezo zinselelo,” kusho uBavuma.
“Ngicabanga ukuthi emidlalweni emibili sibhekene neWest Indies kanye nemithathu esiyidlale ekuqaleni kwalo nyaka ne-England sikhombisile ukuthi kuningi esesikwenzile mayelana nokulungisa indlela yethu yokudlala.
“Ukubuka umdlalo wokugcina ngihleli ngaphandle kucacise izinto eziningi ngeqembu nesikhathi elikusona. Kade sasikhuluma ngendlela esifuna ukudlala ngayo futhi kweminye imidlalo sike sakhombisa ukuthi yini esingayenza.
“Bekujabulisa kakhulu ukubona uHeinrich (Klaasen) edlala ngendlela adlale ngayo, engenavalo. Kukhuphukile ukuzethemba futhi ngiyethemba ukuthi nabantu ababukela iqembu bazizwa kanjalo.”
AmaProteas adlala neNetherlands ngoMashi 31 nango-Ephreli 2 futhi kudingeka ayinqobe yomibili imidlalo ukuze agcine amathuba okuqeda kwiTop 8. Ngaphezu kwalokho, kuzomele amincele ukuthi iSri Lanka ihlulwe okungenani emidlalweni emibili kwemithathu ezoyidlala neNew Zealand kule mpelasonto bese ne-Ireland idliwa okungenani kowodwa kwemithathu ezoyidlala neBangladesh ngoMeyi.
Abadlali abangadlalanga neWest Indies, uKagiso Rabada, Anrich Nortje noQuinton De Kock, kulindeleke ukuthi babuye bazobhekana neNetherlands. Yize kunjalo, uBavuma uthe laba abanikwe ithuba kweyeWest Indies bakhombisile ukuthi bakulungele ukudlala kuleli zinga.
“Lolu chungechunge neWest Indies bekuyithuba lokunikeza abanye abafana amathuba ngoba belungenzi mehluko kwi-log. Ngikholwa wukuthi sikuzuzile ebesifuna ukukuzuza. Sibanikile labo bafana amathuba futhi sesibonile ukuthi bangangena kuphi ohlelweni lwethu olukhulu,” kusho uBavuma.
"Ngikholwa wukuthi sinabadlali abaningi esingakhetha kubona ezikhundleni ezahlukene. Ukuba nabadlali abasesimeni esihle yikhona okuzobaluleka kakhulu uma sesidlala neNetherlands.“
Ngaphambi kokubhekana neNetherlands, amaProteas azodlala imidlalo emithathu yeT20 neWest Indies. Emibili yokuvula izodlalelwa eSuperSport Park, eCenturion, ngoMgqibelo nangeSonto, owokugcina uzoba seWanderers Stadium, eGoli, ngoLwesibili.