IKINGDON Stars izibeke engcupheni yokubhekana nezembe esigabeni esiphezulu seTelkom Netball League ngemuva kokuthelwa phansi yiNorth West Flames ngo 54-49 koweTelkom Netball League obuseHeartfelt Arena, eTshwane, ngoMgqibelo ntambama.
Leli qembu laKwaZulu-Natal liwuqale kahle umdlalo kanti belisahamba phambili ngesikhathi kuyiwa ekhefini kodwa iFlames ibivutha ingabaselwe esiwombeni sesibili, yagcina iwunqobile umdlalo.
IFlames ibibuyisa izinduku kwazise iStars yayishaya ngo 57-52 emzuliswaneni wokuqala e-Olive Convention Centre, eThekwini, ekuqaleni kukaMeyi.
IStars isanqobe lowo mdlalo kuphela kweyisikhombisa eyidlalile kulo mqhudelwano nokuyenze yahlala emsileni kwi-log ngamaphuzu amabili.
IFlames izibeke endaweni engcono njengoba iphinde yagingqa iFree State Crinums ngo 68-66 ngeSonto. Isingaphezu kweStars ngamaphuzu amane emidlalweni eyisishiyagalombili.
Uma ezikaMarguerite Rootman ziqeda emsileni kumele zihlule iqembu elizoqeda phezulu esigabeni sesibili ukuze ligcine indawo yalo esigabeni sokuqala.
Elinye iqembu laseKZN elidlala esigabeni sesibili, iKingdom Queens, lidlale imidlalo emibili kule mpelasonto, lathola imiphumela ehlukene.
NgoLwesihlanu lidliwe yi-Eastern Cape Comets ngo 43-36 kodwa ngoMgqibelo labuya ngamandla lanqoba iNorthern Cape Diamonds ngo 39-36.
Leli qembu elicijwa uPrecious Mthembu lisendaweni yesithupha ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni engu-10.
IGauteng Golden Fireballs iyigcinile indawo yayo esicongweni esigabeni esiphezulu nakuba ihlulwe ngompetha, iGauteng Jaguars, ngoLwesihlanu.
EzikaBongiwe Msomi zivuke zazithatha ngoMgqibelo zaguqisa iSouthern Stings. Zisaqhwakele ngamaphuzu angu-14 emidlalweni eyisishiyagalombili.
Esigabeni sesibili kuqhwakele i-Eastern Cape Aloes ngamaphuzu angu-18 emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Umzuliswano olandelayo we-Telkom Netball uzodlalelwa eHeartfelt Arena kusukela ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.
Imiphumela yeTelkom Netball League:
NgoLwesihlanu: Kingdom Queens 36-43 Eastern Cape Comets; Gauteng Golden Fireballs 39-53 Gauteng Jaguars; Mpumalanga Sunbirds 35-38 Limpopo Baobabs
NgoMgqibnelo: Western Cape Tornados 49-45 Mpumalanga Sunbirds; Kingdom Queens 39-36 Northern Cape Diamonds; Limpopo Baobabs 35-61 Eastern Cape Aloes; North West Flames 54-49 Kingdom Stars; Gauteng Golden Fireballs 68-38 Siuthern Stings
NgeSonto: Eastern Cape Comets 44-35 Western Cape Tornados; North West Flames 68-66 Free State Crinums