SITHEMBISO MKHIZE
NGESIKHATHI izinhlangano zemidlalo zishiywa ngabaxhasi ngenxa yokuhlasela kweCovid-19 eshaye nasemkhakheni wamabhizinisi, iComrades Marathon Association (CMA) inyelwe inyoni esandleni.
ICMA ivuke ngesikhondlakhondla senkampani yokugembula iHollywoodbets yelula isivumelwano sokusebenzisana phakathi kwabo.
Umcimbi wokwethula ngokusemthethweni abaxhasi ubuseThekwini kuleli sonto emahhovisi ale nkampani aseMhlanga.
ICMA isayine neHollywoodbets isivumelwano seminyaka emithathu.
Kusukela ngo-2017, le nkampani beyingabanye babaxhasi nokho igxile kuhhafu webanga lalo mjaho elaziwa ngeDrummond Halfway.
Izikhulu zeHollywoodbets nezeCMA zale zaphetha ukudalula isamba semali okuzoxhaswa ngaso kule minyaka.
Nokho kuvele ukuthi le nkampani isizogxila kokuningi okubalwa kuko ukwandisa isibalo sezinhlangano ezingenzi nzuzo ezozixhasa.
UCherly Winn ongusihlalo weCMA uthe kuyabajabulisa ukumemezela ukukhulisa ubudlelwano babo neHollywoodbets.
“Selokhu kwafika iHollywoodbets iDrummond iphenduke intandokazi kubasubathi.
“Ubani ongalibala ubumnandi obenzeka khona okubalwa kubo umculo uhambisana nemidanso efana nesipansula.
“Kuba wubukhwebezane bodwa (echaza ngombala o-purple osetshenziswa abeHollywoodbets),” kubeka uWinn.
UMorgan Shandu oyisikhulu esiphezulu kwaHollywoodbets kuzwelonke, uthe nakuba besayine iminyaka emithathu kodwa bahlela ukubuqhuba lobu budlelwano.
“Kuningi esesizokwenza, ngeke kusafana nakuqala. Sizogxila ekuxhaseni emazingeni aphansi awumgogodla weComrades. Sinethemba lokuthi le minyaka emithathu izothela imiphumela ebeka lo mjaho kwelinye izinga,” kusho uShandu.
IHollywoodbets ilandela iMaxed Elite ekumemezeleni ukuqhubeka nobudlelwano bayo nabeCMA.
Kulo nyaka iComrades obekumele ibe ngoJuni ayibange isabakhona njengoba bekuvalwe izwe ngenxa yeCovid-19.
Umjaho obekumele usuke eMngungundlovu uyophelela eThekwini, usuzoba ngonyaka ozayo.
Kuwo lo nyaka iComrades ilaxazwe iBonitas Medical Fund ebese ibe ngabaxhasi iminyaka ewu-15. Ngonyaka kubikwa ukuthi beyifaka u-R8 million.
Umsebenzi wakwaCMA ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba uveze ukuthi bakhuluma nezinkampani ezimbili, abathemba ukuzimemezela maduze.