SITHEMBISO MKHIZE
USENGUMQHATHI wezimpi uZwilenkosi Magudulela obeyinhloko yabaqeqeshi ngaphansi kweLudonga Boxing Promotions eyasungulwa nguyise uThulani " Sir" Magudulela osanda kudlula umhlabeni.
UZwilenkosi utshele Isolezwe ukuthi le nkampani isingaphansi kwegama lakhe ngokuphelele. Uthe neBoxing South Africa (BSA) seyimenzelelile nelayisense yokuba wumqhathi ngokusemthethweni.
Uthe okumthokozisayo ukuthi izibusiso zokuqhubeka neLudonga uzinikwe umndeni wakhe.
"Ngibonga kakhulu kubaba ngokuthi wahamba emhlabeni esengifundise okuningi ngomdlalo wezamankomane. Ngibonga kakhulu nasemndenini ngokungethemba ukuqhubeka nomsebenzi omuhle oshiywe ubaba. Ngiyazi kusazoba nzima njengoba ngisanda kuthatha izintambo kodwa ngizimisele ukuncela ulwazi nakwabanye ophromotha osekunesikhathi beyibambile. Bekungeke kube kuhle ukuthi siyiyeke kanjalo nje iLudonga, nobaba lapho ekhona ubengeke ajabule," kubeka uZwilenkosi.
ILudonga yasungulwa umufi uMagudulela ngo-2008. Seyiqhathe izimpi ezingaphezu kuka-20.
Phakathi kompetha ebakhiqizile kukhona uWiseman "Sabalutho" Dlomo owayeyingqwele yebhande lakuleli losondonzima. UChristopher Buthelezi owayephethe elakuleli kwiMiddleweight, u-Innocent "Tycoon" Mantengu owayephethe isicoco se-IBF Continental Africa Super Bantamweight, Siboniso "Tiger" Gonya owasizwa iLudonga enqoba iWBA Pan African neleWBO Inter- Continental Bantamweight.
UZwilenkosi uqhube wathi usazoqhubeka nokucija amabhokisa kodwa sekuzoba uSizwe "Bhubesi" Mthembu osezoba inhloko yabaqeqeshi. Uma kunezimpi uyena osezongena ekhoneni.
UZwilenkosi uveze nokuthi ngoJuni bahlela ukuwenza umqhudelwano weLudonga owabhuntsha ekuqaleni kwalo nyaka ngenxa yokutholakala kwamabhokisa ayeneCoronavirus.
"Okuhle ukuthi wabhuntsha lo mqhudelwano, uMnyango wezeMidlalo sewuzikhokhele zonke izinto. Ngeke sishintshe lutho, kuzoqhubeka amabhokisa okwakuvele kuhlelwe ukuthi alwe. Sesithandazela ukuthi ithi ukwehla neCovid-19,“ kusho uZwilenkosi.
Emasontweni edlule, uMnyango wezeMidlalo oholwa uHlengiwe Mavimbela, uhloniphe uMagudulela emcimbini obuKwaNongoma lapho abedabuka khona.
Kulo mcimbi, kunikwe abamajimi akulesi sifundazwe izinsika zokudlala isibhakela.
UCindy Nkomo oyisikhulu esibambile kwiBSA, usanda kutshela leli phephandaba ukuthi bahlela ukwenzela uMagudulela umqhudelwano wokumhlonipha. Omunye abazomenzela uMzimase Mnguni naye osanda kushona. Wayengumnikazi we-Eyethu Boxing Promotions, eyakhiqiza ompetha okubalwa uWelcome Ncita, Vuyani Bhungu ababeyizingqwele ze-IBF, Mbulelo Botile, noZolani Petelo.