XOLILE MPISANE
INHLANGANO eyengamele i-netball kuleli, i-Netball South Africa (NSA) isikuqinisekisile ukuthi kushone abadlali abathathu nesikhulu esisodwa engozini yebhasi eyenzeke ngeSonto ekuseni.
Le ngozi yenzeke e-Aberdeen, e-Eastern Cape ngezithuba zabo-4 ekuseni. Kubikwa ukuthi leli bhasi belithwele amaqembu amabili asesifundeni i-OR Tambo, e-Eastern Cape, abelibangise eKapa ukuyodlala kwiSPAR National Championships.
"Njenge-Netball South Africa sidabuke kakhulu ngalezi zindaba, akulula ukwamukela ukulahleka kwezimpilo, sikhungathekile" kusho uMengameli we-NSA uCecilia Molokwane esitatimendeni.
"Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe. Sonke silusizi, laba abadlule emhlabeni bayingxenye ye-netball futhi konke lokhu kusizwise ubuhlungu."
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko e-Eastern Cape, uFezeka Nkomonye noMengameli we-Eastern Cape Netball, uNompumelelo Javu, bazifikele mathupha lapho kwenzeke khona lesi sigameko.
Esitatimendeni esithunyelwe uMnyango kwezemidlalo nabo badlulise ukudabuka namazwi endunduzo emindenini ethintekayo.
“Singakuqinisekisa ukuthi kushone abantu abane kanti sisezinhlelweni zokwazisa imindeni,” kusho uJavu.
“Lena bekungeyona indlela ebesifuna ukuqala ngayo umqhudelwano noma ukuvala unyaka, nokho sizithola sikulesi simo. Yisikhathi esinzima kakhulu lesi kithina futhi sicela ukunikwa isikhathi sokusukumela lolu daba.
“Sizoxhumana neNetball South Africa, futhi sizoyikhipha eminye imininingwano uma sesinayo.”
Abanye abagibeli abangu-25 abebesebhasini bangeniswe ezibhedlela ezahlukene eziseduze nendawo okwenzeke kuyo le ngozi.
Khonamanjalo iqembu laseTshwane selihoxile kumsNational Championship ngenxa yeCovid-19.
Kuvele ukuthi abadlali ababili batholwe negciwane, kwase kunqunywa ukuth iqembu laseTshwane iSenior A nelika-Under 21 ahoxe kulo mqhudelwano ukugwema ukufaka abanye engcupheni.