BASHAQEKILE abesibhakela sama-amesha eThekwini ngokujikelwa esiswini njengotshwala nguMasipala weTheku osishaye ngesithende isibhakela emidlalweni yamaSalga KZNDASC ngenxa yokushoda kwenkece.
Isolezwe lipotshozelwe ukuthi umasipala wazise abe-Ethekwini Olympic Style Boxing Organisation ukuthi umdlalo wamankomane ngeke usaba khona kule midlalo yezifunda ezoba seMajuba ngoDisemba 8-11. Lokhu kwenzeke phezu kokuba kade sekuhlelwe ngisho izindawo zokulala nezokuthutha, ukuze isibhakela sizobalwa kwezemidlalo ezizomela iTheku kumaSalga eNewcastle. AmaSalga ethulwe ngokusemthethweni eNewcastle izolo. Isolezwe linayo incwadi uMasipala weTheku ayibhalele abesibhakela, uqinisekisa ukuthi ngeke besaba yingxenye yamaSalga. ITheku linamakilabhu esibhakela sama-amesha angu-23.
Umthombo uthe: "Ekuqaleni umasipala wasitshela ukuthi asiphungule isibalo sabahambayo, sigcine ku-14 esikhundleni sika-18 ngoba awunayo imali. Nakuba lokho bekusikhinyabeza ngoba bekusho ukuthi kufanele sihambe nomqeqeshi oyedwa, esikhundleni sababili kodwa sivumile. Sishaqekile sesitshelwa ukuthi isibhakela ngeke sisaba yingxenye yamaSalga ngoba imali kayikho. Okusixakayo wukuthi i-Athletics inabantu abangu-56 kodwa iyahamba. Uma inkinga kuyizindleko, kungani kungancishiswa kuyona," kusho umthombo obuzwakala ukuthi ukhathazekile.
ITheku lihlala libalwa nezifunda ezihamba phambili kwezamankomane kumaSalga. Ngo-2017 liqede endaweni yesithathu, ngo-2018 liphume phambili. Ngo-2019 liqede endaweni yesibili, lihlulwa yisifunda uMzinyathi ngendondo yethusi. Imidlalo yamaSalga iyigugu labashayisibhakela abaningi abasakhula, abahlale besongelana ngokuthi bayohlangana kuyona nozakwabo bakwezinye izifunda.
Umengameli we-Ethekwini Olympic Style Boxing Organisation, uBanele Magadla, uvumile ukuthi batsheliwe ukuthi abasalubhadi kumaSalga, kodwa basalinde izimpendulo ezincwadini abasazibhalele umkhandlu.
"Okubi wukuthi isikhathi siyahamba, ekubeni iqembu lingazilungisele. Kodwa sisalinde izimpendulo kumasipala. Siwubhalele sizama ukuchaza umonakalo ozodaleka esibhakeleni ngenxa yesinqumo sawo," kusho uMagadla.
Ezemidlalo okuvele ukuthi zibekwe phambili kunesibhakela yi-athletics, basketball, chess, golf, tennis, dance, football, indeginous games, netball, table tennis, swiming, volleyball ne-rugby.
USandra Khathi oyi-Admin Manager-Team Preparation ekomitini lamaSalga leTheku uthe: "Isinqumo sithathwe ezingeni labaphathi ukuthi kukhona uhlobo lwezemidlalo olungeke luye kumaSalga, ngenxa yokushoda kwemali. Zonke izinhlangano zazisiwe ngalokhu."