YENZE obekungalindelekile iCell C Sharks kwi-United Rugby Championship ngesikhathi idliwa yi-Ulster ngo 24-21 emdlaweni wokugcina wamaqoqo obudlalelwa e-Ireland ngoLwesihlanu ebusuku.
Leli qembu laKwaZulu-Natal lingene emzuliswaneni wokugcina liwahola phambili awakuleli futhi lisethubeni lokunqoba iSouth African Shield liphinde lidlalele ekhaya kuma-quarterfinal.
Lihlulekile ukukwenza kokubili lokho njengoba iDHL Stormers iguqise iScarlets eWales ngo 26-21 ngoMgqibelo ebusuku, kanti iVodacom Bulls ibisivele idle i-Ospreys ngo 38-31 ngoLwesihlanu.
Ngaleyo indlela iStormers iqede endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-61 emidlalweni engu-18, yakhala yemuka nesicoco seSouth African Shield.
IBulls ilale endaweni yesine ngamaphuzu angu-58, iSharks yaphelela kweyesihlanu ngamaphuzu angu-57.
“Asiwuqalanga kahle umdlalo. Besingekho bukhali ngokwanele emuva sabavumela ukuthi bazidlulele kalula kabili. Noma kunjalo nathi besinawo amathuba,” kusho umqeqeshi weSharks uSean Everitt.
“Sibuye kahle ngesiwombe sesibili. Abafana badlale kahle. Sikwazile ukuzibeka ezindaweni ezinhle enkundleni. Siligcine ezandleni ibhola futhi kwasisebenzela lokho.
“Ngibashayela ihlombe abadlali abaqhamuke ebhentshini ngokuletha umfutho noshintsho ebesiludinga. Noma sigcine singakwazanga ukuwubuyisela kithina umdlalo kodwa kuningi esikufundile.”
I-Leinster iwashaye emakhanda wonke awase-Ireland, i-Ospreys ihambe phambili kwawaseWales, i-Edinburgh yadla umhlanganiso uma kuqhathaniswa awase-Scotland nase-Italy.
Aseyaziwa amaqembu azoqhudelana kweyama-quarterfinal ezodlalwa ngempelasonto yokuqala kaJuni, yize izinsuku nezikhathi zisazoqinisekiswa.
I-Leinster izokwamukela iGlasgow Warriors, iStormers idlalele ekhaya ne-Ediburgh, i-Ulster ibhekana neMunster kowomkhaya, kanti iSharks izovakashela iBulls eLoftus komunye womkhaya.
Ukaputeni weStormers, uSteven Kitshoff uthe nakuba bejabule ngokunqoba iSouth African Shield, sekumele bagxile esigabeni somkhumulajezi.
“Ukunqoba iShield yisinyathelo sokuqala futhi sizokwakhela phezu kwaso. Ukuthola indebe kuyajabulisa,” kusho uKitshoff. “Yisinyathelo sokuqala nje. Siyazi ukuthi kunjani ukudlala kweyomkhumulajezi, kungenzeka noma yini.
“Ukudlalela i-quarter-final ekhaya kwenza indlela ibe lula kodwa umbhoxo womkhumulajezi unzima. Izinqumo ezincane namaphutha amancane kungawushintsha wonke umdlalo.
“Muningi umsebenzi okusafanele siwenze njengoba sisazodlala i-quarterfinal. Sizogubha sibambe obhiya abambalwa kodwa-ke kufanele sigxile emsebenzini olandelayo,” kuphetha uKitshoff.