XOLILE MPISANE
LISIZWE ukuphela kwesikhathi iqembu leCell C Sharks ngesikhathi linqoba iTafel Lager Griquas ngo-24-23 emdlalweni weCarling Currie Cup obuseHollywoodbets Kings Park, ngoLwesithathu ebusuku.
Umdlalo uqale ngegiya eliphansi kwathatha isikhathi ukuthi iqembu lasekhaya lithole amaphuzu okuqala ngephenathi ekhahlelwe nguJordan Chait.
UChait uphinde waba umvusi wezinyamazane ngesikhathi ethola uCameron Wright ngephasi enhle, lo mdlali wangalenza iphutha, washaya i-try yokuqala.
IGriquas ibuyile ngamaphenathi amabili kaZander du Plessis, kwayiwa ekhefini iSharks ihamba phambili ngo-10-6.
Iqembu lasekhaya lisiqale kahle isiwombe sesibili nge-try ka-Dan Jooste, nephenathi ekhahlelwe nguMurray Koster.
Izivakashi zithole ithuba lokubuyela kulo mdlalo ngomzuzu ka-61 ngesikhathi umdlali weSharks omusha odabuka eSamoa, u-OJ Noa, ekhishwa ngekhadi elibomvu ngenxa yokudlala kabi.
Lokhu kuvule isikhala, iGriquas yathola i-try eshaywe nguJustin Forwood, nokho iSharks iphinde yalivula igebhe ngamaphenathi amabili kaSanele Nohamba.
Kuthe sekusele amanenjana umdlalo uphele iGriquas yaphinde yathola i-try eshaywe nguSango Xamlashe. UDu Plessis uyivalele phakathi i-conversion kodwa lowo bese kuwumnyakazo wokugcina, iSharks yanqoba ngephuzu elilodwa.
"Bekunzima kakhulu. Besazi ukuthi iGriquas izolwa kuze kube sekugcineni futhi yakwenza lokho," kusho umdlali weSharks uCelimpilo Gumede.
"Umdlalo ubunzima kodwa bekumnandi ukudlala phambi kwabalandeli bethu.
"Ngigculisekile ngendlela engidlale ngayo futhi iqembu lonke belizimisele."
ISharks izobhekana neWestern Province ekhaya emdlalweni olandelayo ngoFebhuwari 3.