XOLILE MPISANE
ISEKELA lomqeqeshi weCell C Sharks, u-Etienne Fynn, lithi lizibonile izinto iqembu lalo okufanele lithuthuke kuzona emdlalweni wesibili weCarling Currie Cup elizowudlala neWestern Province.
Le zimbangi ezinkulu zasogwini zizodudulana eHollywoodbets Kings Park, eThekwini, namuhla ngo-8 ebusuku.
I-Sharks ayidlalanga emzuliswaneni wokuqala kodwa lo mqhudelwano iwuvule kahle inqoba iTafel Lager Griquas ngo-24-23 maphakathi nenyanga edlule.
IProvince yona isidlale kabili, yaguqisa iLions ngo-48-36 emdlalweni wayo wokuqala, yadliwa yiBulls ngo-40-21 kowesibili.
UFynn uthe kukhona okuhle akubonile ngesikhathi benqoba iGriquas kodwa uzobe elindele ukuthi ezakhe zikhuphule amasokisi kusihlwa.
"Okuhle wukuthi sibambelelile kulokhu esasikuhlelile. Lokho kulethe ithemba lokuthi uma siqhubeka nokunamathela ezinhlelweni zethu sizophumelela,” kusho uFynn.
"Kunabafana abebenesikhathi eside bagcina ukudlala kuleli zinga ngakho-ke kuyajabulisa ukuthi sebelitholile ithuba lokungena enkundleni ukuze bazizwele. Okungijabulise kakhulu emdlalweni wokuqala ukuzinikela kwabadlali bami.
“Kufanele sithuthuke uma siphonsa noma silwela ibhola kuma-lineout, angicabangi ukuthi ikhona inkinga ngendlela esizihlela ngayo kodwa kumele sibheke izikhala futhi sizisebenzise.
“Sidinga ukuwuphatha kangcono umdlalo, sazi okufanele sikwenze ezigabeni ezahlukene zomdlalo.
"Kumele futhi silikhahlele kangcono ibhola, ikakhulukazi uma sikhahlelela ipali ngoba uma livela ithuba lokwengeza amaphuzu kufanele silithathe."
UMarius Louw uzohola iqembu kanti uSkhumbuzo Notshe uzobuyela enkundleni njengoba eseluleme ngemuva kokulimala edolweni ngonyaka odlule.
Indawo ka-Eduan Keyter ophikweni lwakwesokunxele izothathwa nguMarnus Potgieter. U-Curwin Bosch uzokwenza izinto zenzeke kwi-flyhalf kanti u-Inny Radebe uzobe eyibambe emuva kwi-fullback.
Kweminye imidlalo emibili yeCurrie Cup namuhla ntambama, iGriquas izobhekana nePumas eTafel Lager Park ngo-3:30, iBulls idudulane neCheetahs eLoftus Versfeld ngo-5.45.
IBulls isaqhwakele ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emibili, iSharks isendaweni yesihlanu ngamaphuzu amane emdlalweni owodwa, iLions isemsileni ngephuzu elilodwa emidlalweni emibili.
Iqembu lamaSharks elizobhekana neWestern Province:
Abazoqala: Inny Radebe, 14 Yaw Penxe, 13 Werner Kok, 12 Marius Louw (ukaputeni), 11 Marnus Potgieter, 10 Curwin Bosch, 9 Cameron Wright, 8 Sikhumbuzo Notshe, 7 Celimpilo Gumede, 6 James Venter, 5 Reniel Hugo, 4 Emile van Heerden, 3 Lourens Adriaanse, 2 Fezokuhle Mbatha, 1 Khwezi Mona.
Abasebhentshini: 16 Dan Jooste, 17 Dian Bleuler, 18 Hanru Jacobs, 19 Le Roux Roets, 20 Thembelani Bholi, 21 Olajuwon Noa, 22 Sanele Nohamba, 23 Murray Koster.