ISharks ibuyise amaBhokobhoko koweStormers
XOLILE MPISANE
I-Cell C Sharks yenze izinguquko ezimbili kuphela eqenjini elizobhekana neDHL Stormers emdlalweni we-United Rugby Championship ngoMgqibelo.
Umdlalo uzoqala ngo-5.05 ntambama eHollywoodbets Kings Park.
USiya Kolisi noBongi Mbonambi, abangazange babonakale emdlalweni obungempelasonto edlule neLions, baqonde ngqo eqenjini elizowuqala umdlalo.
UKolisi uzovala isikhala sikaJames Venter kwi-flank, uMbonambi uzongena endaweni kaKerron van Vuuren kwi-hooker.
Ukaputeni wamaBhokobhoko, oqokwe njengomdlali ovelele kuleli ngo-2021 ngesikhathi kumenyezelwa abawine izindondo ama-SA Rugby Awards ngoLwesine, uzobe ebhekene neqembu lakhe lakudala.
Uhlale iminyaka eyishumi kuleli qembu laseKapa ngaphambi kokushintshela kwiSharks ngonyaka odlule.
ISharks iwuqale kahle unyaka ishaya iLions ngo 47-37, umqeqeshi uSean Everitt uthe kuningi okuhle abazokuthatha kulo mdlalo ukuze bakhuphukele kwelinye izinga ngoMgqibelo.
"Okuhle esikwenze ngesonto eledlule wukuthi sakhe amathuba amaningi," kusho u-Everitt. "Ngijabule ngendlela ebesiliphaka ngokushesha ngayo ibhola nokwenze ukuthi sikwazi ukungena ezindaweni eziyingozi enkundleni.
“Ukusheshe silidedele ibhola yikhona okwenze ukuthi sigcine sishaye ama-try amaningi.
“Siphinde sakwazi ukuwuphatha kahle umdlalo ngasekugcineni nokuholele ekutheni sigcine sinqobile."
Iqembu leCell C Sharks
Abazoqala: 15 Aphelele Fassi, 14 Sbu Nkosi, 13 Lukhanyo Am (c), 12 Ben Tapuai, 11 Makazole Mapimpi, 10 Boeta Chamberlain, 9 Grant Williams, 8 Phepsi Buthelezi, 7 Jeandre Labuschagne, 6 Siya Kolisi, 5 Hyron Andrews, 4 Ruben van Heerden, 3 Thomas du Toit, 2 Bongi Mbonambi, 1 Ox Nche.
Ebhentshini: 16 Kerron van Vuuren, 17 Ntuthuko Mchunu, 18 Kutha Mchunu, 19 Reniel Hugo, 20 Henco Venter, 21 Jaden Hendrikse, 22 Tito Bonilla, 23 Jeremy Ward.