IGCAGCELE esokeni kwiCell C Sharks kule mpelasonto njengoba izobe ifake amatomu kwiHeineken Cup okuyilapho yenza kahle khona, hhayi kwiVodacom United Rugby Championship lapho ishaya khona udaka.
ISharks izokwamukela iMunster ngoMgqibelo ngo-1 emini, eHollywoodbets Kings Park, eThekwini.
Kusukela uqalile lo mqhudelwano (iHeineken Cup), iSharks ayikaze ifihle ukuthi izimisele kangakanani ngawo okufakazelwa ukuthi isikwi-Last 16 yawo.
Leli qembu likaSiya Kolisi, lisashaywe kanye ekuhambeni kwiHeineken Cup okuyirekhodi elehluke kakhulu uma uzoyiqhathanisa nakwi-United Rugby Championship lapho ilele khona endaweni yesishiyagalombili ki-log (okuyibeka engcupheni yokungadluleli kweyomkhumula-jezi).
Indlela iSharks ebunjwe ngayo, kufanele ukuthi kuyaphoxa kubalandeli bayo abahlale bephume ngobuningi babo ukuthi ishayelwa ekhaya nasekuhambeni kulandelana kwi-URC.
“Iyaphoxa indlela esidlala ngayo kweminye imidlalo okulandelwa imiphumela ephoxa ngendlela efanayo,” kusho usomaqhinga kwiSharks, uNeil Powell esithangamini nabezindaba ngeledlule.
UPowell uthathe lo msebenzi kuSean Everrit, ekupheleni kuka-Okthoba nyakenye.
Ukufika kukaPowell obezosebenza nabadlali okubunjwe ngabo amaBhokobhoko bekubukeka sengathi kuzohlanganisa leli qembu kodwa kuze kube imanje, kuhamba kahle kwiHeineken Cup kuphela.
“Okusobala ngeSharks ukuthi izenzela yona phansi ngokungaziphathi kahle emidlalweni. Sinika izitha amaphenathi amaningi kakhulu kunalawa ajwayelekile,” kubalisa uPowell.
Emdlaweni iSharks eshaywe kuwona iScarlets ngempelasonto, wonke amaphuzu bekungamaphenathi okufakazela uPowell ngokuhluleka ukuziphatha kwabadlali bakhe.
Kuqaphelekile-ke nokho ukuthi yize uPowell ebalisa ngamaphenathi adalwe abadlali bakhe, neScarlets idale inqwaba ngokwayo kodwa leli qembu laseThekwini langawasebenzisa ngendlela.
Yize iSharks ibunjwe ngabadlali abahle kodwa kusobala ukuthi kukhona okungahlangene kahle okufakazelwa ukumincela kwayo ukudlulela kweyomkhumula-jezi kwi-URC.
Isiyonke imidlalo yeHeineken Cup kule mpelasonto imi kanje:
Ngolwesihlanu: Leicester v Edinburgh (9pm).
NgoMgqibelo: Sharks v Munster (1pm), Stormers v Harlequins (4pm), Leinster v Ulster (6.30pm), La Rochelle v Gloucester (6.30pm).
NgeSonto: Exeter v Montpelier (1pm), Toulouse v Bulls (4pm), Saracens v Ospreys (4pm).