SITHEMBISO MKHIZE
ISIGUNGU esiphezulu seSouth African Football Association (Safa), sizobhunga ngePolokwane City enqume ukufaka le nhlangano enkantolo.
Nakuba uTincy Tema oyisikhulu esiphezulu sePolokwane, ekuphikile kuleli phephandaba ukuthi bafake iSafa eNkantolo eNkulu yaseGoli, kodwa uTebogo Motlanthe oyisikhulu esiphezulu kwiSafa, ukuqinisekisile lokhu.
Uthe icala lizohlalelwa kusasa.
Empeleni iRise and Shine ifake enkantolo umahluleli ozimele weSafa, uHilton Epstein, onqume ukuphuca leli qembu amaphuzu amathathu ngenxa yokuhluleka kwalo ukubophela isibalo esanele sabadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23, lishaya ngo 1-0 eSekhukhune.
Esinqumeni sakhe u-Epstein, ugixabeze iSekhukhune umdlalo ngo 3-0.
Lokhu sekususe omkhulu umsindo, kakucaci ukuthi ngubani umpetha weGladAfrica Championship phakathi kweRoyal AM nayo iSekhukhune eteketiswa ngeleBabina Noko.
Isenzo seRise and Shine siphikisa umthetho weFifa nowePremier Soccer League (PSL), u-rule 26 othi kuyicala elibomvu ukufaka lezi zinhlangano enkantolo.
Uqhuba uthi owenza lokhu angajeziswa kanzima.
U-rule 25.4 osemthethweni weSafa, uthi isinqumo sikamahluleli ozimele siwujuqu futhi kumele sihlonishwe.
UMotlanthe ongummeli, utshele Isolezwe ukuthi bazoya enkantolo ukuyovikela isithunzi somdlalo webhola.
"Sizoyitshela inkantolo ukuthi izinhlaka ezingaphansi kweFifa noma iSafa kazivumelekile ukuya ezinkantolo uma kukhona ezingeneme ngakho. Sizokuveza ukuthi uma zingagculisekile ngokuthile, ikhona imigudu yangaphakathi elandelwayo. Thina kasingene ekutheni kunyuswa liphi iqembu, kodwa sifuna kuhlonishwe inhlangano ephethe ibhola. Uma sesibuyile enkantolo, kuzohlangana isigungu esiphezulu seSafa okuyiso esizothatha isinqumo ngesenzo sePolokwane,“ kusho uMotlanthe.
Ngokwemibiko esabalele, kuthiwa iSafa ingabamangalelwa bokuqala, iPSL ingabesibili, u-Epstein abe ngowesithathu, iSekhukhune ibe ngowesine.
Kuthiwa kumqulu wamakhasi awu-48 ofakwe yiRise and Shine enkantolo, izeseka ngelithi yabophela abadlali baka-Under 23 abangaphelele ngoba abanye batholakala beneCoronavirus.
Neligi yahluleka ukubaluleka ukuthi benze njani uma kwenzeka abanye balaba badlali betholakala benalo mkhuhlane.