I-ORLANDO Pirates isicoshe phansi isikhala esigabeni samaqoqo eCaf Confederation Cup, emva kokuthi izimbangi zayo iLPRC Oilers, zihoxisile emdlalweni womlenze wesibili, kowokuhlungela lesi sigaba.
Lo mdlalo ubuzoba se-Orlando Stadium, eSoweto kusasa kodwa iqembu laseLiberia, lithinte abadidiyeli bomqhudelwano kwiCaf beyazisa ngesifiso sayo sokuhoxa.
Nebala iCaf ikuqinisekisile kwiwebsite yayo ukuhoxa kwe-Oilers. Sigcine singavelanga isizathu sokuhoxa kwe-Oilers kodwa ezimnandi kweZimnyama, wukuthi ngokwesibili iminyaka ilandelana zingena esigabeni samaqoqo eConfed.
Ihoxa nje i-Oilers, bekubukeka kuzoba wumqansa ukuthi iphendule amatafula kwiPirates enqobe ngo 2-0 ngeledlule, emlenzeni wokuqala obudlalelwa ePaynesville, eLiberia.
Ukuhoxa kwayo kusho ukuthi iPirates isiyoze ibuyele enkundleni ngoDisemba 8, isihlasela AmaZulu FC koweDStv Premiership eThekwini. Lokho kungenzeka kuyenzele phansi iPirates, kwazise izobe isinesikhathi esingaphezu kwesonto ingadlali.
Ngakolunye uhlangothi AmaZulu azotholana phezulu namuhla neRoyal AM, kowomkkhaya baKwaZulu-Natal.
NgoLwesine iPirates ibambane neBaroka FC ngo 0-0 e-Orlando Stadium nokuyigcine isendaweni yesikhombisa kwilog ngamaphuzu angu-19.
IConfederation Cup ibalwa neminye imiqhudelwano iPirates esengayinqoba noweNedbank Cup ngoba kubukeka ingeke isayifica iMamelodi Sundowns enamaphuzu angu-30 esicongweni selog.