SITHEMBISO MKHIZE
UMAKADEBONA kwezokusubatha uWillie Mtolo uyala abasubathi ngokuphatha kahle imali nangokuziqhelisa nezinto ezingafaka ikusasa labo engcupheni.
Le nkakha kwezokugijima eyazifaka ezinhliziyweni zabaningi inqoba iNew York Marathon, ngo-1992, itshele Isolezwe ukuthi iphatheke kabi kakhulu ukuzwa izindaba zokumiswa kukaLuvo Manyonga yinhlangano ephethe ezokusubatha emhlabeni, iWorld Athletics.
UManyonga osenqobele iNingizimu Afrika izindodo kwi-long jump, wamiswa yile nhlangano ngoJanuwari ngenxa yokungatholakali ngesikhathi kumele ahlolelwe izikhuthazi ezingafanele.
IWorld Athletics ayishongo ukuthi imumisa isikhathi esingakanani uManyonga njengoba kusaqhutshekwa nophenyo. Lo mdlali akaqali ukuzithola esenkingeni njengoba ngo-2012 wamiswa izinyanga ezingu-18 ngenxa yokusebenzisa izidakamizwa.
Kamuva kuke kwabikwa ukuthi uManyonga ubekwe icala lokuphula imithetho yomvalelandlini, ngokuphuza esidlangalaleni. UManyonga useqenjini le-ASA labasubathi okumele bayomela elakuleli kuma-Olympic eJapan ngoJulayi.
UMtolo uthe uyahlukumezeka emphefumulweni ngoba siyanda isibalo
sabasubathi ababandakanyeka ezenzweni zokusebenzisa izikhuthazi.
ezingavumelekile kwezemidlalo.
Uthi kumphatha kabi ukubona abagijimi bephenduka ohobo, sebengenalo
ngisho isenti elimnyama uma sebeyeke lo mdlalo.
“Kubuhlungu ukubona ithalente elihle njengelikaManyonga lilengela eweni.
Lo mfana ungomunye wabasubathi ebesibheke ukuthi baphephezelise phezulu
ifulegi laseNingizimu Afrika emiqhudelwaneni emikhulu njengama-Olympic
esibheke kuwo,” kusho uMtolo.
Eqhuba uthe: “Okumele kuqondwe igenge yanamhlanje ukuthi kulo mdlalo
awuhlali kuwo isikhathi eside. Kumqoka ukuthi uma usavunwa
izinto, leso sikhathi usisebenzise ngendlela efanele. Ngalokho ngiqonde
ukuthi kumele bayilondoloze imali abayenzayo, bangaphenduki ohobo uma
sebewagaxe emgibeni amateku.”
UMtolo oke waqeqesha uBongumusa Mthembu, kubukeka akwazi ukuyisebenzisa kahle imali ayithola esagijima.
Wathenga ipulazi nemizi emibili kanti unamabhizinisi nokumenza
Akwazi ukuphila kahle yize sekwaphela iminyaka ayeka ukusubatha.
Ubuye wasola abanye babaqeqeshi, izimenenja ngisho nabaxhasi imbala
ngokukhuthaza abasubathi ukuthi basebenzisea izikhuthaza mzimba
ezingavumelekile kwezemidlalo.
“Laba benza lokhu ngoba befuna udumo lwesikhashana, oluba nesiphetho
esibi. Okubuhlungu-ke wukuthi isikhuni sibuya ngomkhwezeli, kugcina
kuphela kabuhlungu ngekusasa lomgijimi.”
UMtolo uthe kayingagcini nje kuphela kunobhutshuzwayo imikhankaso
yokugqugquzela ukubekwa nokulwa nokusetshenziswa kahle kwemali.
Uthe le mikhankaso mayigqugquzelwe nakwezokusubatha.