UFIKELWE injabulo nomunyu ukaputeni weqembu lesizwe le-netball, uBongiwe Msomi, kumenyezelwa iqembu elizomela elakuleli eNdebeni yoMhlaba yalo nyaka.
INetball South Africa (NSA) iqinisekise isikwati sabadlali abangu-15 esithangamini nabezindaba eRandburg, eGoli, ngoLwesihlanu.
INdebe yoMhlaba ka-2023 izoqala ngoJulayi 28, iphele ngo-Agasti 6, e-Cape Town International Convention Centre, eWestern Cape.
Kulesi sikwati kusazokhethwa abadlali abangu-12 abazoba seqenjini lokuqala, bese abanye abathathu babhaliswe njengalabo abazovala izikhala uma kwenzeka kuba khona abalimalayo.
“Kuzobe kungokwesine ngidlala eNdebeni yoMhlaba kodwa akuzwakali sengathi sengidlale kaningi ngoba ngiyalihlonipha kakhulu izwe lami futhi ngiyawuthanda umdlalo we-netball. Ngicabanga ukuthi kuningi engikwenzile okuholele ekutheni ngiphinde ngiqokwe njengokaputeni ngo-2023. Akuyona into ovele unikwe yona, kumele uyisebenzele,” kusho uMsomi.
“Lezi zintokazi bezisebenza kanzima ekhempini, ngiyacabanga nje ukuthi zizizwa kanjani njengamanje, lezi ezisale ngaphandle nalezi eziqokiwe. Ngihalalisela laba abafakiwe eqenjini futhi ngiyazwelana nalaba abangakhethwanga. Kufanele ngiyizwe yonke le mizwa njengomholi weqembu.
“Ngiyajabula ukuthi isikwati sesimenyezelwe futhi sikubheke ngabomvu okulandelayo njengoba umqhudelwano usondela.”
Umqeqeshi, uNorma Plummer, uzohola amaProteas eNdebeni yoMhlaba okwesibili kulandelana. Wayecija elakuleli emqhudelwaneni wango-2019, lapho laphuma khona endaweni yesine. Uthe uyakholelwa ekutheni ukhethe iqembu elizokwazi ukumela izwe.
“Sesihlale ekhempini kusukela ngoMeyi 7, futhi ngikholwa wukuthi sisebenze kanzima nabadlali esinabo. Senze okuningi obekuhlanganisa ezobuchwepheshe namaqhinga,” kusho uPlummer.
“Sikwazile ukudlala imidlalo yokungcweka ukuze sibe nesiqiniseko. Sikhethe abadlali abangu-15 abahamba phambili esikholwa wukuthi bazokwenza kahle kakhulu.”
Abadlali abazinze kuleli bazobuyela emaqenjini abo kuze kuphele iTelkom Netball League ngoJulayi 1, ngaphambi kokuthi iqembu lonke lihlangane eStellenbosch, ukuyophothula amalungiselelo eNdebe yoMhlaba.
“Siyi-NSA sikholwa ukuthi simeseke ngakho konke abekudinga umqeqeshi uNorma nethimba lakhe njengoba belungiselela le Ndebe yoMhlaba. Kuzobe kungokokuqala eminyakeni engu-60 ukuthi lo mqhudelwano udlalelwe e-Afrika, ngakho-ke sibona kufanele ukuthi silindele indondo,” kusho umengameli we-NSA, uCecilia Molokwane.
“Ngeke sikwazi ukusingatha lo mqhudelwano bese siphenduka izibukeli emagcekeni ethu. Kumele senze isiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika namanye amazwe ase-Afrika bathola izindondo.”
Iqembu lamaProteas leNdebe yoMhlaba: Bongiwe Msomi (Ukaputeni); Karla Pretorius (Iphini likakaputeni); Khanyisa Chawane; Izette Griesel; Owethu Ngubane; Refiloe Nketsa; Phumza Maweni; Lenize Potgieter; Lefebre Rademan; Nicola Smith; Jeante Strydom; Nichole Taljaard; Elmere van der Berg; Shadine van der Merwe, Ine-Mari Venter.