IBIBHALWE ebusweni injabulo kumqondisi womqhudelwano omusha wekhilikithi wakuleli ozoqala ngonyaka ozayo, uGraeme Smith, ngesikhathi ewuthula ngokusemthethweni ngoLwesithathu.
Lo mqhudelwano ozoqala ngoJanuwari, uzokwaziwa nge-SA20. Le ndebe izobangwa ngamaqembu ayisithupha azinze ezifundazweni ezehlukene zakuleli.
Enaba ngezizathu ezenze bakhethe leli gama, uSmith uthe bebefuna igama elilula kodwa futhi elihehayo.
“Namuhla ngolunye usuku olubalulekile njengoba sethula ngokusemthethweni i-SA20. Sikhethe leli gama ngenxa yokuba lula kwalo kodwa futhi likhethekile njengoba singena kulesi sigaba esisha nesithokozisayo sekhilikithi eNingizimu Afrika,” kusho uSmith.
“Ukukhipha uhlamvu u-T, njengoba lolu hlobo lwekhilikithi lwaziwa nge-T20, kukhombisa ukuthi sifuna ukwehluka. Sifuna ukwenzela abadlali nabalandeli bethu into ehlukile. Kubaluleke kakhulu ngoba lo mqhudelwano siwenzela bona futhi sifuna bazizwe beyingxenye yawo.
"Njengoba igama selaziwa sesibheke ukuthi lo mqhudelwano uqale uphile emasontweni azayo.”
Wonke la maqembu ayisithupha aphethwe yizinkampani zase-India ezivele zinamaqembu kwi-Indian Premier League. La maqembu azozinza eThekwini, Gqeberha, Cape Town, Paarl, Johannesburg naseTshwane.
Asebasayinisile abadlali abathile kodwa indali yabadlali izoba ngoSepthemba 19.
Iqembu ngalinye alivunyelwe ukuba nabadlali abeqe ku-17 futhi abayishumi kumele kube ngabaseNingizimu Afrika. Uma sekudlalwa, iqembu ngalinye kumele libe nabadlali abayisikhombisa (bakuleli) noma ngaphezulu kwabangu-11 abazobe besenkundleni.
Ngokwesivumelwano esisamile, le midlalo izokhonjiswa esiteshini esikhokhelwayo, iSuperSport, kodwa uSmith uthe basazama izinhlelo zokuthi ibekhona imidlalo ezotholakala eziteshini zethelevishini nemisakazo yamahhala.
“Sinesivumelwano neSuperSport kodwa sesiziqalile izingxoxo zokuthi sifake imisakazo nezinye iziteshi. Uma ngikhuluma iqiniso, iSuperSport izimisele ukubonisana nathi ngalolu daba,” kuqhuba uSmith.
"Umqhudelwano wabesifazane nawo usezinhlelweni zethu kodwa bekungeke kulunge kulokhu ngenxa yeNdebe yoMhlaba yeT20 yabesifazane ezodlalwa ngoFebhuwari, wonyaka ozayo. Ngingaqinisekisa kodwa ukuthi yinto esiphezu kwayo."
I-SA20 izoqala esigabeni samaqoqo lapho amaqembu ezobhekana khona ekhaya nasekuhambeni kodwa asikaphumi isinqumo esingujuqu ngokuthi sizohlelwa kanjani isigaba somkhumulajezi.