LINYUKILE isasasa ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ye-netball yangonyaka ozayo ngemuva kokuthi amaqembu angu-16 azobamba iqhaza eqhathiwe ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mcimbi obuse-East London ICC ubuhanjelwe yizikhulu ze-netball zaphesheya nezakuleli, abaxhasi noNgqongqoshe wezeMidlalo, uNathi Mthwethwa.
Amaqembu ayisishiyagalombili akleliswe phezulu emhlabeni, okuhlanganisa nelakuleli, aqale afakwa emaqenjini amane ahlukene, ukuze angahlangani wonke eqoqweni elilodwa.
Amanye amaqembu ayisishiyagalombili anqobe emidlalweni yokuhlunga abe esetonyulwa afakwa kula maqoqo kwagcina sekuhlangane amaqoqo amane anamaqembu amane ngalinye.
AmaProteas azoqala umqhudelwano kuPool C lapho ezodudulana khona neJamaica, Wales, neSri Lanka.
Iqembu lakuleli lisendaweni yesihlanu emhlabeni, iSunshine Girls yaseJamaica ilele endaweni yesine, iFeathers yaseWales isendaweni yesishiyagalolunye, kanti iLionesses yase-Sri Lanka isendaweni ka-16.
Kula maqembu amathathu, iJamaica okulindeleke ukuthi inike amaProteas ubunzima kakhulu.
Bahlangana kwiNdebe yoMhlaba edlule eLiverpool ngo-2019 umdlalo wanqotshwa yiqembu lakuleli. Nokho ngesikhathi bephinda behlangana kumaCommonwealth Games nonyaka iJamaica yazibuyisa izinduku.
“Sijabule ngendlela amaqembu aqhathwe ngayo ngoba sikholwa wukuthi kwenzeke ngendlela obekufanele kwenzeke ngayo. Sithanda ukufisela wonke amaqembu okuhle kodwa njengoba eqhubeka nokulungiselela le Ndebe yoMhlaba,” kusho umengameli weNetball South Africa, uCecilia Molokwane, esitatimendeni esikhishwe yile nhlangano.
"Abadlali bethu kuyimanje basebenza ngokuzikhandla njengoba bebheke ukuba semamaqenjini amathathu azowina izindondo eKapa ngonyaka ozayo."
KuPool A kuqhathwe i-Australia, Tonga, Zimbabwe, neFiji. KuPool B i-England izodudulana neMalawi, Scotland neBarbados kuthi iNew Zealand ibange ne-Uganda, Singapore, neTrinidad & Tobago kuPool D.
Iqembu elihamba phambili ngokunqoba lo mqhudelwano yi-Australia esiwunqobe amahlandla angu-11 bese ilandelwa yiNew Zealand enezicoco ezinhlanu.
Elinye iqembu elisayiphakamisile le ndebe yiTrinidad and Tobago eyayinqoba ekhaya ngo-1979.
Ngonyaka ozayo eKapa, kusukela ngoJulayi 28 kuze kube u-Agasti 6, kuzobe kuqala ngqa ukuthi lo mqhudelwano ube se-Afrika.