IMALI ibiza enye kumpetha omusha weComrades Marathon, uTete Dijana, njengoba inkampani ayisebenzelayo yonogada seyimthembise ukumbonga ngesamba esithile ngemuva kokunqoba kwakhe lo mjaho ongu-89km, obungeSonto, usuka eMgungundlovu wayophelela eThekwini.
Le nsizwa yaseMahikeng, eNorth West, izifake emabhukwini omlando inqoba iComrades Marathon ngesikhathi esiwu-5:30:38.
Ibe seyiklonyeliswa ngoR260 000 okuyimali osekukhale abagijimi abaningi ngokuthi incane. Phambilini, umpetha ubethola uR525 000 kodwa abahleli bomjaho bayehlisa kulo nyaka ngesizathu sokuthi abananzuzo njengoba umjaho ubungekho ngo-2020 nango-2021.
Ngenxa yokuthi uTete ube ngowokuqala wakuleli ukushaya intambo, uzothola uR100 000 ngaphezulu ovela kuhulumeni kazwelonke kuleli.
UNick Bester oyimenenja yabagijimi kwiNedbank Running Club, uveze ukuthi bazomklomelisa ngoR150 000 ngokuphumelela. Seyihlanganiswe yonke le mali ifinyelele kuR510 000.
Ngemuva kokunqoba ngeSonto eledlule, uTete ongunogada kwiMi7 Security Group, uveze ukuthi ngenxa yokuthi ubefuna ukufeza iphupho lokugijima iComrades, uncamele ukuthatha ikhefu elingakhokhelwa izinyanga ezimbili.
Ekhuluma neSolezwe izolo, uthe ngemuva kokusuka emcimbini obekuklonyeliswa kuwo abenze kahle kwiComrades obuseThekwini, ngoMsombuluko ekuseni, uthole ucingo obeluvela kwisikhulu esiphezulu kuzwelonke, kwa-Mi7 Security, uCollen David, sicela ukuhlangana naye. Umhlangano bewusesikhumulweni sezindiza iKing Shaka, eThekwini.
"UDavid ungibongelile waphinde wangincoma ngokuphephezelisa igama le nkampani. Ube esengibuza ukuthi kangishongo ngani ukuthi ngiyogijima iComrades? Ngimchazelile ukuthi ngathatha ikhefu izinyanga ezintathu ngilungiselela lo mjaho (wakhokhelwa inyanga eyodwa kulezi).
“Ngimazisile ukuthi inkampani yangikhokhela kweyokuqala kwathi kwezimbili ezilandelile yanganginika lutho. Uxolisile base benginika isheke likaR100 000. Ngibonga kakhulu, le mali izongisiza kakhulu," kubeka uTete obezwakala ukuthi ujabule.
Isolezwe lizamile ukuthola ukuphawula kwabakwaMi7 Security kodwa bagcina bengaphendulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Lo msubathi ubuye waveza ukuthi uthole nocingo oluvela kwiHhovisi likaNdunankulu waseNorth West, uBushy Mappe, elithe lizomenzela umcimbi wokumbonga.
"Nakuba ngingeke ngande kakhulu kodwa nalo ihhovisi likandunankulu lithembise ukungenzela umcimbi wokungibongela. Njengamanje ngiseseRustenburg, ngoLwesine (kusasa), nginikela ekhaya eMahikeng. Ngizozwa uma sengifike khona ukuthi kuzokwenzekani. Njengoba ngangishilo, ngizozakhela umuzi bese enye imali ngiyibekela imfundo yezingane zami futhi ngeke ngiwuyeke umsebenzi," kuqhuba uTete.