XOLILE MPISANE
UPHELELWE ngamazwi umdlali weqembu labesifazane lekhilikithi lakuleli, uLizelle Lee, ngemva kokuhlomula ngendondo ephezulu kuma-ICC Awards.
ULee uqokwe njengomdlali ovelele emhlabeni kwabesifazane, emidlalweni yosuku olulodwa ngesikhathi inhlangano eyengamele ikhilikithi emhlabeni, i-International Cricket Commitee (ICC), ikhipha izindondo ngoMsombuluko.
Ushaye ama-run angu-632 emidlalweni yosuku olulodwa engu-11 ayidlalile ngonyaka odlule wasiza iqembu lakuleli ukuthi linyukele endaweni yesibili uma kukleliswa amazwe emhlabeni.
Kule ndondo ye-ICC uhlule uTammy Beaumont wase-England, uHayley Matthews waseWest Indies noFatima Sana wasePakistan.
"Uma ngikhuluma iqiniso anginawo amazwi, bengingakulindele lokhu. Bekumnandi ukubalwa nalaba abebeqokelwe le ndondo futhi ibingatholwa yinoma ngubani," kusho uLee.
"Ngijabule kakhulu ngokuthola umklomelo futhi kusho lukhulu kimi. Bengingalindele kodwa ukwazi ukuthi ngigcine ngiwuthathile kungijabulisa ngendlela emangalisayo."
U-Lee, obedlalela neqembu lase-England, iManchester Originals, emqhudelwaneni i-The Hundred ngonyaka odlule, ubonge abazali bakhe, umkakhe uTanja Cronje nozakwabo eqenjini lama-Proteas ngokumeseka.
"Baningi abantu engingababonga abangesekile, angisho enkundleni kuphela kodwa nomndeni wami wenze okukhulu ngaphandle kwenkundla. Abazali bami nomkami bebengabalandeli bami abahamba phambili, ngaso sonke isikhathi. Kumele ngibonge nethimba labaqeqeshi nozakwethu. Bengingeke ngikwazi ukudlala ngale ndlela ukuba bebengekho."
ULee uthole ama-run angu-132 bedlala ne-India ngonyaka odlule, nokungama-run amaningi kuyo yonke imidlalo yosuku olulodwa aseyidlali. Uthi umdlalo aziqhenya ngawo kakhulu abawudlala neWest Indies lapho ashaya ama-run angu-91 futhi wagcina engaphumanga.
“Uma ngibheka emuva kunzima ukukhetha umdlalo ongichaze kakhulu ngoba kukhona embalwa engiyicabangayo,” kuqhuba u-Lee.
"Ngingabala ukushaya ama-run angu-100 sidlala ne-India kodwa ukushaya ama-run angaphezu kuka-90 ngaphansi kwezimo ezinzima sibhekene neWest Indies cishe yikhona okuhamba phambili. Kwakuwumdlalo onzima kakhulu."
Kumanje uLee usesicongweni uma kukleliswa ababhethayo emidlalweni yosuku olulodwa, ngaphezulu kuka-Alyssa Healy wase-Australia noMithali Raj wase-India.