UTUSE abadlali bakhe ngokuzimisela umqeqeshi weqembu lakuleli le-Netball Fast5, uMartha Mosoahle-Samm, ngemuva kokuthola izindondo zesiliva kwiFast5 Netball World Series ebingempelasonto eChristchurch, eNew Zealand.
Lo mqhudelwano waqala ngo-2012 kanti ububanjwa minyaka yonke kwaze kwaba ngu-2019, wabe usuphazanyiswa ubhubhane iCovid-19. INingizimu Afrika isibambe iqhaza kuyo yonke imiqhudelwano kanti phambilini yayigcine ithole izindondo zethusi ngo-2012.
I-Netball Fast5 ihluke kancane kwi-netball ejwayelekile ngenxa yokuthi abadlali banikezwa amaphuzu engeziwe uma beshaya amagoli bekude. Kuphinde kube nesikhathi esibizwa nge-powerplay kwikota ngayinye lapho amagoli angenayo ephindwa khona kabili.
Lokhu kudala isasasa njengoba amaqembu asuke elandela ngemuva ethola ithuba lokuvala igebe ngokushaya amagoli ngesikhathi se-powerplay.
Iqembu lakuleli leFast5 lingene kulo mqhudelwano nethimba elisha labaqeqeshi. UMosoahle-Samm uqokwe njengomqeqeshi kwathi u-Erin Burger waqokwa njengephini lakhe.
Lo mqeqeshi uhlanganise abadlali abangakaze bawudlale lo mqhudelwano abebeholwa nguJeanie Steyn. Abanye abadlali abebeseqenjini ngo-Owethu Ngubane, Zandre Smit, Tarle Mathe, Jeante Strydom nabanye.
Emdlalweni wabo wokuvula ngosuku lokuqala banqobe i-England ngo-32-26. Bashaywe yi-Australia ngo-25-19 kodwa balusonga kahle usuku ngokushaya iJamaica ngo-28-27.
Ngosuku lwesibili badle iNew Zealand ngo-38 - 37 ngaphambi kokuguqisa i-Uganda ngo-27-22 ukuze bazibekisele indawo kowamanqamu ne-Australia.
Emdlalweni wamanqamu, odlalwe ngeSonto, ibingekho evuma ukugoba uphondo kwaze kwashaya ikota yokugcina lapho i-Australia ihlohle khona inqwaba yamagoli, yagcina inqobe ngo-34-20.
"Umqhudelwano ubumuhle futhi usezingeni eliphezulu kakhulu, sikuthokozele kakhulu ukuba yingxenye yawo. Ukufika kowamanqamu kube yisibusiso kukodwa futhi ngiyaziqhenya ngabadlali bami," kusho uMosoahle-Samm.
“Sigculisekile ngendlela iqembu elidlale ngayo kanye nobumbano. Bawunyuse kakhulu umdlalo wabo, awukho nowodwa esiwunqobe kalula, bekumele silwe.
"Ngizizwa ngikhethekile ngokuba yingxenye yalolu hambo. Ngijabule ngezindondo zesiliva yize besihlose ukubuya negolide. Amantombazane asebenze kanzima futhi sisaziqhenya kakhulu.
"Ngicabanga ukuthi lokhu esikwenzile kuzolikhuphula nesasasa leNdebe yoMhlaba ye-netball esizoyisingatha ngonyaka ozayo. Wonke umuntu uyazi ngeNingizimu Afrika futhi bayazi ukuthi sesikulungele ukudlala emqhudelwaneni omkhulu kunayo yonke.”
U-Nichole Taljaard wakuleli uqokwe njengomdlali ovelele kulo mqhudelwano, kwathi uMary Cholhok wase-Uganda wavotelwa ngabalandeli waba yiFan's Choice Player of the Series.