XOLILE MPISANE
LIZICINDEZELE iqembu lakuleli lekhilikithi lika-Under 19 lidliwa yi-India ngama-run angu-45 emdlalweni wokuqala wamaqoqo we-ICC Under-19 World Cup obuse-Providence Stadium, eGuyana, ngoMgqibelo ebusuku.
AmaProteas amancane awine i-toss anquma ukushwiba kuqala, akwazi ukukhipha bonke ababhethayo base-India ngemuva kwama-overs angu-46.5 besabeke ama-run angu-232 ebhodini.
U-Yash Dhull (82) nguyena oshayele i-India ama-run amaningi. Kubashwibi bamaProteas kugqame uMatthew Boast ngamawikhethi amathathu, elekelelwa u-Aphiwe Mnyanda no-Dewald Brevis, abathole amabili umuntu ngamunye.
AmaProteas athe esebhetha aqala kahle futhi bekuthembisa ngesikhathi esenama-run angu-138 esalahlekelwe amawikhethi amane.
Konakale ngokuphuma kuka-Dewald Brevis obeseshaye ama-runs angu-65, nabanye bamlandela baze baqedwa besashaye ama-run angu-187 kuphela.
“Isizathu sokudlala kwiNdebe yoMhlaba ukuzivivinya nokubona ukuthi abafana bazokwazi yini ukudlala uhlobo lwekhilikithi esifuna balidlale?" kusho umqeqeshi weqembu elincane lamaProteas uShukri Conrad.
“Ngicabanga ukuthi wonke umdlali oza kulo mqhudelwano usuke enalo ikhono kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi uyimela kanjani ingcindezi?
"Siyakholwa ukuthi sinethuba lokudlala sifike kude kulo mqhudelwano. Lokho asikusho ngoba sizikhohlisa nje kodwa yinto esiyikholwayo.
“Ngeke kube lula kodwa umuntu ongenalwazi, kuphela angalindela ukuthi umqhudelwano ofana nalona ube lula.
"Sizokhipha konke esinakho ukuze ekugcineni sikwazi ukuziqhenya ngendlela esidlale ngayo, ngisho singathola imiphumela enjani."
Ngaphandle kwe-India, iqembu lethu lisazodudulana ne-Ireland ne-Uganda ku-Group B. Umdlalo olandelayo lizowudlala ne-Uganda eQueen's Park Oval ngoLwesibili ntambama ngo-3.
I-Uganda ihlulwe yi-Ireland ngama-runs angu-39 emdlalweni wayo wokuqala okuchaza ukuthi lo mdlalo wesibili uzobe unguwafawafa kuwo womabili lawa maqembu.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu eqoqweni ngalinye azodlulela kumakota.