UVUME eyokuswela umgodi wokucasha ukaputeni wamaProteas, uTemba Bavuma, ngemuva kokuphuma esigabeni samaqoqo kwiNdebe yoMhlaba yeT20.
AmaProteas angene emdlalweni wokugcina wamaqoqo neNetherlands e-Adelaide Oval ngeSonto ekuseni edinga ukuwunqoba ukuze abe ngelinye lamaqembu amabili kuGroup 2, azodlulela kweyandulela owamanqamu.
Nokho akulihambelanga kahle leli qembu ebelicijwa nguMark Boucher okokugcina njengoba iNetherlands inqobe ngama-run angu-13.
UBavuma uwine ithosi, wakhetha ukushwiba kuqala kodwa bamenzele phansi abashwibi bakhe behluleka ukukhipha izethenjwa zeNetherlands.
Abadlali ababhetha kuqala kuleli qembu bonke bashaye ama-run angaphezu kuka-25, bagcina behlanganise angu-158 kuma-over angu-20, belahlekelwe amawikhethi amane.
UColin Ackermann, owazalelwa eNingizimu Afrika, ushaye ama-run angu-41 emabholeni angu-26, uKeshav Maharaj kwaba nguyena umshwibi wakuleli owenze kangcno ngokuthatha amawikhethi amabili.
AmaProteas abedinga ama-run angu-159 ukuze anqobe umdlalo kodwa aqhubeka nomkhuba omubi wokulahlekelwa amawikhethi elandelana.
Ekugcineni afinyelele kuma-run angu-145 ngemuva kwama-over angu-20, eselahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalombili, ashabalala kanjalo amathuba okungena esigabeni somkhumulajezi.
"Ziningi izinto ezingasihambelanga kahle kulo mdlalo. Sikhethe ukushwiba kuqala futhi besilindele ukuthi sibafake ngaphansi kwengcindezi. Kusobala ukuthi asikwenzanga lokho. Bekufanele sibhethe kahle kodwa sahluleka. Asikwazanga ukuba nomgqigqo ofanele," kusho uBavuma.
"Ziningi izinto esingazibala ezisenzele phansi futhi sidumele sonke. Okusiphoxe kakhulu ukuthi sihlulekile ukunqoba umdlalo obunguwafawafa."
AmaProteas aqale lo mqhudelwano ngokubhekana neZimbabwe, athola iphuzu ngenxa yokuthi umdlalo waphazanyiswa yimvula. Ngemuva kwalokho ahlule iBangladesh ne-India, nokwenza ukuthi aqhwakele ngamaphuzu amahlanu sekusele imidlalo emibili.
Ukudliwa yiPakistan ngesonto eledlule kuthathwe njengokuqhuzuka nje njengoba bekulindelwe ukuthi ayinqobe iNetherlands. Ukuhluleka kwawo kuchaza ukuthi liyaqhubeka ishobolo laleli qembu lokushaya udaka emiqhudelwaneni yeNdebe yoMhlaba.
“Sizoqhubeka nokuthathwa njengeqembu elibhacazayo emiqhudelwaneni emikhulu size sifinyelele kowamanqamu bese siyanqoba. Asinazo izaba ngoba konke bekusezandleni zethu,” kuqhuba uBavuma.
"Besizethemba, sinenkolelo futhi ngingasho ukuthi besisefomini enhle kodwa sahluleka ukuwenza umsebenzi emdlalweni osemqoka. Ngicabanga ukuthi sikhona isifundo esingasifunda kulokhu, ikakhulukazi abadlali abasebancane njengoTristan Stubbs, Marco Jansen nabanye.
UBavuma ubegxekwa ngokungenzi kahle kwakhe ngaphambi kwalo mqhudelwano, waphinnde wahluleka ukukhuphula amasokisi ngokwanele ngisho usuqalile. Wenze kangcono bedlala nePakistan eshaya ama-run angu-36, koweNetherlands ushaye angu-20.
Uyavuma ukuthi kuningi okumele akucubungule mayelana nekusasa lakhe njengokaputeni weqembu leT20 nelemidlalo yosuku olulodwa. Iqembu elidlala ama-test liholwa nguDean Elgar.
“Ukugxekwa kuyakudla njengomdlali kodwa ngizamile ukubhekana nakho. Uyazama ukumelana nakho kodwa ngeshwa njengoba kukhulunywa izinto eziningi ezinkundleni zokuxhumana kugcina kufikile kuwena,” usho kanje.
"Mhlawumbe sizogxekwa njengeqembu futhi kuyobe kufanele. Kuzofanele sithole indlela yokuvuka ukuze sibuyele ekudlaleni ikhilikithi elihle.
“Mayelana nekusasa lami njengokaputeni, yinto engizoyicabanga futhi ngixoxisane nabanye abathintekayo. Kumele ngibone ukuthi ubani ozoba ngumqeqeshi omusha ngoba uma kunezinguquko kuyenzeka afike nezinhlelo ezihlukile futhi bathole umholi ozokwazi ukuhambisana nazo.
"Noma ngabe kwenzekani, ngicabanga ukuthi ngiwenze ngesizotha umsebenzi wami, ezikhathini ezinhle nezimbi. Uma kwenzeka ngisishiya isikhundla sami, ngizohamba ngiziqhenya ngokuphelele."
IPakistan iguqise iBangladesh ngamawikhethi amahlanu emdlalweni wabo wokugcina wamaqoqo okusho ukuthi yona ne-India amaqembu amabili asuka kuGroup 2 azodlulela kweyandulela owamanqamu.
KuGroup 1 iNew Zealand ne-England yibona abadlulela kweyomkhumulajezi, basala osokhaya, i-Australia, ngemuva kokulala isithathu.
Khonamanjalo, kwikhilikithi yasekhaya, iMomentum Multiply Titans ibe ngompetha beCSA T20 Challenge ngokuhlula iHollywoodbets Dolphins ngamawikhethi amane eJB Marks Oval ePotchefstroom ngoMgqibelo ntambama.
IDolphins ibhethe kuqala, yathola ama-run angu-162 kuma-over angu-20, iTitans yafinyelela kwangu-165 sekusele amabhola amabili.