IQEMBU lombhoxo lasePitoli, i-Blue Bulls, selikuqinisekisile ukuthi sekuphele amasonto amathathu lingakwazi ukuxhumana nomdlali walo, uSbu Nkosi, nosekuholele ukuthi babikele amaphoyisa.
IBulls ikhiphe isitatimende ngoMgqibelo ebusuku, ithi sekuvulwe icala esiteshini samaphoyisa eBrooklyn, ePitoli, eligcine lidluliselwe eSunnyside, ngemuva kokungaphumeleli kwemizamo eminingi yokuthola lo mdlali.
Club statement on Sbu Nkosi.https://t.co/JuHkseZXRO
— Official Blue Bulls (@BlueBullsRugby) December 3, 2022
"I-Blue Bulls Company ingakuqinisekisa ukuthi umdlali onenkontileka neVodacom Bulls, uSbu Nkosi, sekunamasonto amathathu engafiki emsebenzini ngaphandle kwemvume. UNkosi wagcina ukuxhumana nabaphathi beqembu ngoLwesihlanu, ngoNovemba 11," sifundeka kanje isitatimende.
“Ngemuva kwemizamo eminingi ebhuntshile, okuhlanganisa ukuzama ukumthinta ngocingo, ukuthumela imiyalezo, ukuthinta izihlobo, umuntu azwana naye, abangani, nokuyombheka lapho ehlala khona amahlandla amane, inkampani ithathe isinqumo sokuvula icala lokubika umuntu olahlekile.
“Lokhu sikwenze ngoba sonke sikhathazekile futhi sidinga usizo nobuchwepheshe bamaphoyisa.
"Siyabonga emphakathini nakwabezindaba abakhathazeke njengathi mayelana nokuphepha komdlali. Nokho, sicela baqonde ukuthi ngeke sikwazi ukuphawula ngalolu daba njengoba seluphethwe ngamaphoyisa."
UNkosi ugcine ukudlalela iBulls ngo-Okthoba 30, ngesikhathi iguqisa iqembu lakhe lakudala, iCell C Sharks kwi-United Rugby Championship.
Ulimale ezimbanjeni kulowo mdlalo, okuholele ekutheni ahoxe eqenjini leSouth Africa A elidlale imidlalo emibili phesheya ngenyanga edlule.
Lo mdlali odabuka eMpumalanga, waqala wadlalela iPumas neLions ngaphambi kokuthathwa iSharks ngo-2016. Leli qembu ulidlalele kusukela emazingeni aphansi waze walishiya kulo nyaka eseyojoyina iBulls.
Usedlale imidlalo engu-16 kumaBhokobhoko futhi wayeyingxenye yeqembu elanqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2019.
Kunxuswa abanolwazi olungasiza amaphoyisa ukuthi bathinte amaphoyisa aseSunnyside ku-012 422 3600, iCrime Stop ku-08600 10111 noma bathumele i-email [email protected].