NJENGOBA sekusele izinyanga ezingaphezudlwana kweziyisishiyagalombili ukuthi kuqale iNdebe yoMhlaba ye-netball ezoba seKapa ngoJulayi, libukeka limfimfa ikusasa lomqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli, uDorette Badenhorst, kulandela imibiko ethi yena nethimba lakhe sebekhonjwe indlela.
Iphephandaba lesiBhunu, iRapport, libike ngeSonto ukuthi uBadenhorst, iphini lakhe uDumisani Chauke kanye nemenenja yeqembu uNisha Rupnarain sebekhululiwe ezikhundleni zabo kanti owayengumqeqeshi phambilini, uNorma Plummer, nguyena ozothatha izintambo.
UPlummer ongumakadebona womqeqeshi kulo mdlalo, waqokwa njengomqeqeshi wamaProteas ngo-2015 futhi nguyena owayehola iqembu ngesikhathi lifinyelela kowandulela owamanqamu kwiNdebe yoMhlaba ka-2019 eLiverpool, e-England. Ngemuva kwalo mqhudelwano wango-2019, waphindela kwelakubo e-Australia, izintambo zaphonswa kuBadenhorst.
Inhlangano eyengamele lo mdlalo kuleli, iNetball South Africa (NSA), iphinde yamcela uPlummer ukuthi azoba ngumeluleki ngesikhathi leli qembu lilungiselela amaCommonwealth Games abeseBirmingham ngoJulayi kulo nyaka.
Kubikwa ukuthi izinxushunxushu ziqale lapho, uBadenhorst engakujabuleli ukuthi abadlali baxhumane nalo mqeqeshi oseneminyaka engu-77.
EBirmingham amaProteas ahluleka wukuphuma eqoqweni lawo, agcina eqede endaweni yesithathu ngemuva kweJamaica ne-England, kulandela ukuhlulwa yiwona womabili la maqembu.
Izinto zibe zimbi kakhulu ngesikhathi eshaywa yi-Uganda sekubangwa indawo yesihlanu, aqeda kweyesithupha.
I-NSA ikhiphe isitatimende ithi iyibonile le mibiko kodwa izophawula kabanzi ngalolu daba maduze.
“Okwethu wukwenza isiqiniseko sokuthi siyisa umdlalo we-netball phambili. Sikubonile okubhalwe abezindaba, njengenhlangano sizoqinisekisa ukuthi sikhipha isitatimende maduzane mayelana nale mibiko esisabalele. Sicela nje isikhashana ngaphambi kokuthi siphawule,” kusho umengameli we-NSA, uCecilia Molokwane, kulesi sitatimende.
Khonamanjalo, iNSA ikuqinisekisile ukuthi iSPAR Diamond Challenge izobuya kulo nyaka. Lo mqhudelwano uzoqala ngoNovemba 22 uphele ngoNovemba 26 eRembrandt Hall ePitoli.
INingizimu Afrika izoqhudelana neScotland, Zimbabwe neqembu le-SA President’s XII elifakwe ngemuva kokuhoxa kweMalawi.
“Umqhudelwano onje uyadingeka ngoba kumele senze isiqiniseko sokuthi senza kahle kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo. Indlela engcono yokwenza lokho wukuqinisekisa ukuthi iqembu lithola isikhathi sokudlala ukuze lizilungiselele ngokugcwele."
Iqembu lamaProteas selihlangene ekhempini eqale ngoMsombuluko uhlu lokugcina luzomenyezelwa ngaphambi kokuqala kwe-SPAR Diamond Challenge.