ISUPERSPORT, inhlangano esakaza ezemidlalo eNingizimu Afrika, iphakamise abesifazane iqoka isilomo somdlali wegalofu uNobuhle Dlamini njengenxusa elisha lomkhankaso wayo, iLet’s Play.
ILet’s Play, ephinde yaziwe ngeMasidlale, ngumkhankaso wakwaSuperSport wokukhuthaza abafundi ezikoleni zamabanga aphansi ukuthi bakhuthalele ukuzibandakanya nezemidlalo nokuzivocavoca.
UDlamini, odabuka eSwazini, usezakhele igama egalofini ngokudlala emiqhudelwaneni emikhlu njengeSunshine Ladies Tour kanti ukleliswe endaweni yesihlanu kubadlali begalofu besifazane abahamba phambili eNingizimu Afrika.
Le ntokazi eqale ukudlala igalofu ilandela uyise ongasekho, ingene egalofini elikhokhelayo ngo-2014.
Ngokwesitatimende esithunyelwe yiMultiChoice, le nhlangano izoseka uDlamini ngokumumaketha iphinde imuxhase ngemali ukulungiselela iLadies European Tour.
UDlamini ulandela izingwazi zezemidlalo ezinjengoJean de Villiers owanegukaputeni wamaBhokobhoko nowamaProteas, uGraeme Smith.
“Ngifuna ukusebenzisa lesi sigcawu enigisinikwe yiMultiChoice ukusabalalisa intshisekelo yami yalo mdlalo engiwuthandayo nabantwana besikole abasebancane bazo zonke izinkalo,” kusho uDlamini esitatimendeni seSuperSport.
“Ngifuna ukuba yisibonelo ezinganeni ezikhule zingathathi ndawo - nabo bangaphumelela - futhi ngifuna ukubakhuthaza bajahe amaphupho abo.
“Ngiyabonga ngakho konke ukwesekwa engizokuthola ngoba kuzokwenza kube lula ukuthi ngishiye elami ilobo ekuklelisweni egalofini lomhlaba labesifazane nokufinyelela la okungajwayele khona ukufinyelela abesifazane noma abamnyama kwezegalofu.