OBENGUMENGAMELI weCricket South Africa uChris Nenzani unqume ukwesula esikhundleni yize ebese esalelwe amasonto amathathu liphele ihlandla lakhe lokuphatha.
UNenzani onguthishanhloko wesinye sezikole e-East London, ubesebe yinhloko yeCSA iminyaka eyisikhombisa. Izinyanga eziwu-12 zokugcina zokuphatha kwakhe wazithola ngendlela eyaletha ukukhuluma.
Ngokomthethosisekelo wenhlangano, ihlandla ngalinye liba yiminyaka emithathu. Isinqumo sokuthatha omunye unyaka ngaphezulu yinto uNenzani aseke wakusho ukuthi uyazisola ngayo.
“UNenzani usehole iCricket South Africa ngokuzinikela kusukela ngo-2013,” ifundeke kanje ingxenye yesitatimende seCSA esikhishwe izolo ekuseni, siqinisekisa ukwesula kukaNenzani.
UNenzani ubhalele ibhodi ngoLwesihlanu esho ukuthi uzokwesula ngaphandle kokupholisa amaseko.
Onyakeni ophelile iCSA izithole ibhekene nezinkinga kwezokuphatha, okuholele ekutheni kumiswe isikhulu esiphezulu.
Izimenenja ezintathu nazo zimiswe zibhekene nokuqondiswa kwezigwegwe. Ezimbili zazo zisiphikisile isinqumo sokuthi zigcine ngokuxoshwa.
Ngaphezu kwalokho lo soseshini usezindabeni mihla namalanga kulezi zinsuku ngodaba lokucwaswa ngokwebala kwabadlali abamnyama.
Abadlali abehlukene asebeke badlalela iqembu lesizwe amaProteas, okukhona uMakhaya Ntini noThami Tsolekile, baveza ukuhlukumezeka abakuthole beseqenjini.
UNenzani ukuthole kunzima ukuhola inhlangano njengoba kukhona abaphakathi nabangaphandle abebedonsa babheke eceleni, kunalokhu okumele ngabe kuyenzeka.
UGraeme Smith osanda kuqokwa njengoMqondisi weKhilikithi kwiCSA usanda kukhuluma “ngomdlavuza” oyidla ngaphakathi le nhlangano.
Lokhu kushiye izinkomba zokuthi kukhona uNenzani lapho engenzi kahle khona njengomholi.
Esinye sezinqumo okufanele wukuthi uNenzani uyazisola ngaso asithatha njengosihlalo weBoard of Directors sokunikeza amandla amaningi uThabang Moroe oyisikhulu esiphezulu. UNenzani wakuphika walala ngomhlane lokhu ngesikhathi ebuzwa ngakho emhlanganweni weCSA, ezivikela ngokuthi ibhodi iyona esanamandla ngaphezulu kukaMoroe.
Ukwehluleka kwebhodi noNenzani ekulawuleni uMoroe kuhlale obala nyakenye ngesikhathi iCSA ihluleka wukuthola abaxhasi, ukwakha kabusha ubuholi obulawula iqembu lesizwe, kwaze kwafinyelela ekutheni kubekhona izintatheli eziphucwa imvume yokuhambela imidlalo yekhilikthi.
Kuze kube yimanje udaba lukaMoroe lusaqhubeka njengoba olukaNenzani selufike esiphethweni. I-CSA izokhetha umengameli omusha emhlanganweni ozokuba ngoSepthemba 5.