KUNXUSWA abasubathi abafuna ukuba yingxenye yeComrades Marathon ngonyaka ozayo ukuthi baphuthume bayofaka imingenelo ngoba ingase ivalwe isikhathi singakafiki.
NgoLwesibili iComrades Marathon Association (CMA), ehlela lo mjaho, imemezele ukuthi sebewu-11 000 abasubathi asebefake imingenelo yomjaho wangonyaka ozayo. Kwenzeka lokhu nje, ukufakwa kwayo kuvulwe ngesonto eledlule.
Umnqamulajuqu wesibalo sabasubathi u-20 000.
Umjaho wangonyaka ozayo ungoJuni 11 kanti uzosukela eCity Hall, eMgungundlovu, uphelele eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UMqondisi Ngcobo, ongusihlalo weCMA, uthe akaboni uzofika uDisemba 9 (abazovala ngawo ukufakwa kwemingenelo) zisekhona izikhala.
"Ngendlela isimo esiyiyo, ngibona ezinsukwini ezimbalwa ezizayo uzohlangana lo-20 000 wesibalo sangonyaka ozayo. Nginxusa abasubathi ukuthi baphuthume. Imbila yaswela umsila ngokuyalezela. Sikhumbule ukuthi siphuma esikhathini esinzima seCovid-19. Njengamanje impilo isiqala ukubuyela kweyejwayelekile. Isasasa lomjaho wangonyaka ozayo liphezulu kakhulu. Sijabule kakhulu ngalo," kubeka uNgcobo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2019 isibalo sabagijimi abawu-20 000 sahlangana ngezinsuku ezintathu. Mayelana nemali yemingenelo, wuR1 200 kubasubathi baseNingizimu Afrika, kwabase-Afrika wu-R2000 bese kuba wuR4 500 kwabangaphandle kwaleli zwekazi.
ICMA iveze ukuthi abasubathi bangaphandle kwakuleli, abakhokhela imingenelo ngo-2020 maqede bangagijima, kulo nyaka abakhululeke ngeke bakhiphe ngisho indibilishi. Nokho wunyaka wokugcina lokhu kwenzeka. Imingenelo ifakwa ku-www.comrades.com.
IComrades Marathon ibuyile kulo nyaka ngemuva kokuma ngo-2020 nango-2021 ngenxa yeCovid-19.