NAKUBA iTS Galaxy idonsa kanzima kwiDStv Premiership kodwa usihlalo wayo uTim Sukazi nethimba labadlali bakwazile ukuvula izandla basiza abaswele emphakathini.
USukazi uhole abadlali bakhe nezinye izikhulu zeqembu bayophonsa itshe esivivaneni ngokunikela ngokudla njengoba kade kugujwa iWorld Food Day ngoMgqibelo.
Banikelele izikhamuzi zaseMamelodi, ePitoli.
Lokhu bakwenze ngokubambisana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, eGauteng ne-Entokozweni Resource Centre Miag.
Echaza ngokuzibandakanya kulo mcimbi uSukazi uthe: "Sibone kuwumqondo omuhle ukuthi siyeke konke esikwenzayo sizochitha usuku nabantu bakithi kuleli lokishi. Abanye abantu abazi ukuthi sinenqwaba yabantu abangamaNdebele abahlala esigcemeni u-C1 kuya ku C5. Yibona laba bantu abaningi abasesekayo ngaso sonke isikhathi emidlalweni yasekhaya, ingakho sibone kumqoka ukuthi sizozibandakanya nabo kulolu suku olumqoka kangaka. Abantu bakithi bahlwempu, imisebenzi iyindlala. Ukubalethela abadlali ababathandayo eduze kwabo kuyimizamo yokubakhuthaza nokubanika ithemba ngempilo," kusho uSukazi.
Izakhamizi zikujabulele nokugudlana amahlombe nabadlali abanjengoMarlon Heugh, Karabo Tshepe, Sibongiseni Shelembe noMuzi Mahlangu.
USukazi iqembu lakhe elingakanqobi kwiligi, uthe kumqoka ukusondela eduze kwabalandeli babo njengeqembu elinezimpande eMpumalanga kodwa elizinze eGoli.
Elinye iqembu elezibandakanye nemigubho yeWorld Food Day kube yiMamelodi Sundowns.
Usihlalo weSundowns uTlhopie Motsepe uthe kumqoka ukukhumbuza abantu ukuthi baningi abantu abaswele ukudla emhlabeni, yingakho nabo bebonile ukuthi babambisane nabeFood Foward SA, ukufaka isandla.