IZODLALWA isigubuzelwe yifu elimnyama imidlalo yeNdebe yoMhlaba yombhoxo wohlobo lweSevens kulandela ukudlula emhlabeni komsakazi ohlonishwayo, uWillie Los’e.
ULos'e (55) wayengomunye wokaputeni bezwe laseTonga ngeNdebe yoMhlaba yango-1995 futhi wake wadlalela namaqembu ehlukene aseNew Zealand naseJapan.
Ubewumsakazi wombhoxo esiteshini sethelevishini, iSky Sport NZ, ngesikhathi edlula emhlabeni ngokuzuma eKapa, ngoLwesithathu.
"Egameni leWorld Rugby nomndeni wombhoxo emhlabeni wonke, ngifisa ukudlulisa namazwi enduduzo emndenini, kubangani nabo bonke abake babambisana noWillie Los'e, oshonele eNingizimu Afrika, ngoLwesithathu," sifundeka kanje isitatimende sikasihlalo weWorld Rugby, uSir Bill Beaumont.
“UWillie ubethandwa kakhulu njengomsakazi wombhoxo kusukela ayeka ukudlala futhi ubelungiselela ukusakaza iNdebe yoMhlaba yeSevens ezoqala ngoLwesihlanu, eKapa.
"Sizomkhumbula njengomuntu obenomoya omuhle enkundleni nangaphandle. Sizwelana nabo bonke abebemazi, abadlala naye nalabo abebesebenza naye."
INingizimu Afrika izobe imelwe kwiyona yomibili imiqhudelano, owabesilisa nowabesifazane, ezodlalwa ngokuhlanganyela eCape Town Stadium.
Iqembu labesilisa, amaBlitzbokke, lizoholwa nguSiviwe ‘Shakes’ Soyizwapi, othe bahlose ukuwunqoba lo mqhudelwano, ikakhulukazi njengoba bedlalela ekhaya.
Leli qembu elizobe licijwa nguNeil Powell okokugcina, lizoqala kwi-Last 16 ngoLwesihlanu ebusuku, lapho lizobhekana nabazonqoba emdlalweni ozobe uphakathi kweGermany neChile.
“Kuhle ukuhlolwa ngezindlela ezahlukene nokubhekana namaqembu amasha esingajwayele ukudlala nawo. Kwenza umqhudelwano ube nesasasa kubadlali nakubalandeli,” kusho uSoyizwapi.
"Kufanele sigxile ezinhlelweni zethu, siqhubeke nendlela esifuna ukudlala ngayo, nezinto esijwayele ukuzenza. Kufanele sigweme amaphutha futhi sizimisele kuyo yonke imidlalo engathi sidlala kowamanqamu."
Iqembu labesifazane leSevens, iMbokodo, lizoholwa nguSizophila Solontsi benoMathrin Simmers. Emdlalweni wokuqala bazobhekana neFrance, ngoLwesihlanu, ngo-6.35 ntambama.
Umqeqeshi weMbokodo, uPaul Delport, uthe: “Imiqhudelwano yasekhaya idala ingcindezi enkulu kokaputeni, yingakho sifuna babelane umsebenzi. Sifuna nokuqinisekisa ukuthi sinokaputeni osenkundleni ngaso sonke isikhathi. UMathrin noSizo bangabadlali abanamava futhi bangabaholi abaqotho, silindele ukuthi babambisane kahle."
Iqembu lamaBlitzbokke: Siviwe Soyizwapi (ukaputeni), Cecil Afrika, Ronald Brown Angelo Davids, Selvyn Davids, Muller du Plessis, Christie Grobbelaar, Sako Makata, Mfundo Ndhlovu, JC Pretorius, Impi Visser, Shaun Williams.
Iqembu leMbokodo: Sizophila Solontsi (ukaputeni), Mathrin Simmers (ukaputeni), Marlize de Bruin, Nolwazi Hlabangane, Felicia Jacobs, Lerato Makua, Unathi Mali, Ayanda Malinga, Zintle Mpupha, Simamkele Namba, Nadine Roos, Eloise.