ZITHEMBISA ukuyisheshisa eyokusungulwa kweligi yabesifazane yekhilikithi ekhokhelayo kuleli izikhulu zeCricket South Africa (CSA) kulandela ukwenza kahle kweqembu lesizwe eNdebeni yoMhlaba yeT20 esanda kuphela.
Iqembu lakuleli lifinyelele kowamanqamu okokuqala kulo mqhudelwano obuqala ukudlalelwa eNingizimu Afrika, lagcina liguqiswe ngompetha i-Australia ngama-run angu-19 ngempelasonto edlule.
Umqondisi wekhilikithi kwiCSA, u-Enoch Nkwe, uthe amagxathu athathwe amaProteas azokwenza zisheshe izinhlelo ebezivele zikhona zokwenza ikhilikithi yabesifazane ibe sezingeni elisondele emazweni anjengo-Australia, England namanye.
Njengamanje ikhilikithi yabesifazane yakuleli idlalwa ezigabeni ezimbili. Amaqembu ayisithupha asesigabeni esiphezulu kuthi angu-10 abe kwesingaphansi.
Abanye babadlali abakula maqembu ikhona inkeshezana iCSA ebabonelela ngakho kanti abanye abayingxenye yeqembu lesizwe banezinkontileka eziphelele.
"Impumelelo yeqembu labesifazane lamaProteas ikhuthaze abantu abaningi futhi izosondeza abatshalizimali abahlukene yakhe isithombe esihle ngekhilikithi yabesifazane," kusho uNkwe esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu, eGoli.
“Kuhle ukuba kulesi sikhundla futhi muningi umsebenzi osuzokwenziwa mayelana nokuthi singenza kanjani ukuthi abadlali besimame baphumelele. Muningi umsebenzi osuvele wenziwe kodwa sekufanele isukunyelwe kakhulu kunakuqala indaba yekhilikithi yabesifazane.
"Kasingabazi ukuthi ithalente sinalo eNingizimu Afrika. Zisazoqhubeka izingxoxo ezakhayo ngaphakathi kwiCSA kodwa ngingasho kugcwale umlomo ukuthi kukhulu okuzayo. Kungaba kuhle uma kungenzeka ezinyangeni ezimbalwa ezizayo kodwa esizibekele kona ukuthi konke sikuphothule ezinyangeni ezingu-12 ezizayo."
Abanye babadlali beqembu lesizwe lakuleli baphinde badlale kumaligi aphesheya iBig Bash League yase-Australia neThe Hundred yase-England.
Muva nje uMarizanne Kapp, Shabnim Ismail, Dane van Niekerk noChloe Tryon bathengwe amaqembu azodlala kwiWomen’s Premier League ezoqala kule mpelasonto e-India.
Njengoba umqhudelwano weSA20 wabesilisa ufike nesasasa kuleli ekuqaleni konyaka, isikhulu esiphezulu seCSA, uPholetsi Moseki, sinethemba lokuthi uzolandela nowabesifazane ukuze abadlali bakuleli bathole amathuba angcono.
“Ngeke sikwazi ukuqala i-SA20 kuze kube siyazethemba ukuthi sinabadlali abenele abazodlala kulo mqhudelwano. Into yokuqala okufanele siyenze ukuthuthukisa amaligi ethu asevele ekhona,” usho kanje.
“Uma sesinesiqiniseko sokuthi sinabadlali abanele abangakwazi ukwakha okungenani amaqembu amane singabe sesiqala ukusebenzisa izinhlelo ze-SA20 ezisebenze kahle kwabesilisa ukuze senze okufanayo ohlangothini lwabesifazane,” uphethe kanje.