XOLILE MPISANE
ZIPHINDE zaphazamiseka izinhlelo zamaBhokobhoko zokulungisela uchungechunge lwama-test okuhlelwe ukuthi awadlale namaBritish and Irish Lions, ngokubhuntsha komdlalo wesibili abezowudlala neGeorgia.
Lo mdlalo obuzoba e-Emirates Airlines Park kusasa, ugcine uhoxisiwe ngenxa yokwanda kwesibalo sabatheleleke ngegciwane iCorona emaqenjini womabili.
Bane abathintekile kwelaseGeorgia, amaBhokobhoko ashayeke kakhulu njengoba bengu-12 abatholwe negciwane.
Phakathi kwabo kukhona umqeqeshi uJacques Nienaber, kubadlali kubalwa uLood de Jager, Marvin Orie, Frans Steyn, Handre Pollard, Frans Malherbe nabanye.
"Uma siqhathanisa ukulahleka kwemiphefumulo nokuphazamiseka komnotho ngenxa yokuhaqwa yiCovid, ukubhuntsha komdlalo we-rugby akuyona into etheni," kusho umphathi weSA Rugby uJurie Roux.
"Kuyiqiniso khona ukuthi lezi yizindaba ezimbi kubo bonke abebehlela imidlalo babuye banikela ngesikhathi nangemali, ngenhloso yokuthi ibe yimpumelelo.
"Ngiyabezwela kakhulu abalandeli nabadlali nezivakashi zethu zaseGeorgia, ezihambe ibanga elide kangaka ukuzoba yingxenye yale midlalo, esigcine ingadlalwanga ngokuphelele.
"Asilitholanga ithuba lokuhlanganyela nabo, ngenxa yokuthi bekungafanele sisondelane kodwa ngiyababonga ngokuseseka.
"Sisazoqhubeka nezinhlelo zokudlala ama-test (namaLions) uma abadlali sebekulungele ukuphuma ekuvalelweni kodwa okwamanje sibheke kakhulu ukuthi laba abathintekile balulame."
AmaBhokobhoko adlale umdlalo owodwa neGeorgia ngoLwesihlanu olwedlule, awunqoba ngo 40-9.
Kusazohlanganiswa iqembu leSouth Africa A, elizodlala namaBritish Lions eKapa ngoJulayi 14.
Umdlalo wokuqala phakathi kwamaBhokobhoko namaBritish Lions uzoba eCape Town Stadium ngoJulayi 24.