WENA owabona abazifela ngeKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, iCarling Black Label Cup isizodakiswa abalandeli bombhoxo ngeChampion Match.
Lokhu kuvele emcimbini osezingeni eliphezulu obuseHoughton Hotel, eGoli lapho bekwethulwa khona lo mdlalo okuzodlala kuwo abadlali abazovotelwa ngabalandeli beCarling Currie Cup abakhonze ubhiya.
Le ndumezulu yethulwe ngu-Arne’ Rust oyibrand director kwaCarling Black Label ephelezelwa ngumengameli weSA Rugby, uMark Alexander.
“Inhloso yalo mcimbi ngukwethula indumezulu yomdlalo lapho abalandeli beCarling Currie Cup bezothola ithuba lokuvotela abadlali abangu-24 abafisa ukubabona bedlala kwiChampion Match ngoNovemba 6,” kusho uRust.
Laba badlali bazobe bevela kuwo wonke amaqembu ayisikhombisa adlala iCurrie Cup kule sizini.
Kubalwa kuwo iCell C Sharks, Vodacom Bulls, Tafel Lager Griquas, New Nation Pumas, DHL Western Province, Toyota Cheetahs neSigma Lions.
“Asazi noma kuwubizo yini ukuthi ikesi lamakani eCarling Black Label limumatha 24 kanti nabadlali abavotelwayo bangu-24,” kusho uRust echaya izandla ekhuthaza abantu ukuthi babukhe.
Inkundla neqembu elizobanga nalesi sikwati kusazomenyezelwa.