KULOKOZA inhlansi yethemba kumengameli weSouth African Amateur National Boxing Association (Sanabo), uSiyabulela Mkhwalo, ngokwenza kahle kweNingizimu Afrika esibhakeleni sabasakhula samazwe.
UMkhwalo ubekhuluma ngemuva komqhudelwano kazwelonke iSanabo Cadets and Juniors National Championships eMangosuthu University of Technology, eMlaza ngesonto eledlule.
Bekuqhuthana izifundazwe eziyisikhombisa kweziyisishiyagalolunye. IKwaZulu-Natal izidlele amahlanga kumaCadets iphuma phambili yehlula izimbangi ezinkulu, i-Eastern Cape. KumaJuniors kuwine i-Eastern Cape, yalandelwa yiKZN.
UKhwalo uthe ukucokama kwezinga lezimpi kukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika inalo ikhono.
"Umqhudelwano wamaCadets namaJuniors kazwelonke uhambe kahle kakhulu. Uma sikhumbula kahle sekunesikhathi eside sagcina ukuba nawo ngenxa yezizathu ezahlukene, okubalwa kuzona iCovid19. Kodwa uma ubuka isasasa nesibhakela esibonakaliswe yizingane lapha, bekungathi lo mqhudelwano uhlala ukhona.
“Okwesibili, okusijabulisayo yikhono nethalente elibonakale kulo mqhudelwano ngoba izingane eziqhudelana esigabeni seYouth zisuke ziphuma kuso lesi sigaba. Lokhu kusho ukuthi isibhakela seNingizimu Afrika sinekusasa elihle. Izimpi esizibonile zisezingeni eliphezulu. Lokhu kusho ukuthi ikhono likhona ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika. Lidinga nje ukuvumbululwa bese liyanakekelwa ukuze likhuphukele phezulu," kusho uMkhwalo.
Kwenzeka lokho nje iNingizimu Afrika isanda kwehluleka ukubuya negolide kuma-AUSC Region 5 Games eMalawi. Yehlulwe yiZambia ephume phambili. Kodwa unyaka u-2022 uyohlala ukhunjulwa esibhakeleni sama-amesha eMzansi njengobuyise ithemba emva kokubuya nezindondo zethusi kukaPhiwokuhle "Ben 10" Mnguni waseKZN noSimnikiwe Bongco wase-Eastern Cape kuma-Commonwealth Games eBirmingham, e-England.
"Kuyiqiniso ukuthi sisesemuva uma kuqhathaniswa namazwe amaningi enza kahle esibhakeleni esingakhokhelwa. Ukuze sifinyelele kuleliya zinga, uma sibabuza abavela emazweni enza kahle, basitshela ukuthi izingane asiziqale sizencane. Lokhu kusho iminyaka eyishiyagalombili yobudala, kuya phezulu. Siyazi ukuthi ingane ingenela imiqhudelwano uma isineminyaka engu-12. Kodwa ukuyilekelela uma isengaphansi kwaleyo minyaka, kuba wusizo kakhulu ngoba ifundiswa ukuthi kumiwa kanjani nokuthi kushaywa kanjani. Ingane uma ikuleyo minyaka kulula ukuthi ikubambe ekufundiswayo. Ukusondela kwethu kula mazwe kulele emqhudelwaneni enjengalona. Uma sifuna ukuthi isibhakela saseNingizimu Afrika sifinyelele eqophelweni lamazwe enza kahle, kufanele siqinise kubona abanale minyaka, sisebenze ngohlelo lwesikhathi eside. Okubalulekile wukuthi siqinise ekucijeni zona lezi zingane. Abaqeqeshi nabo kudingeka sibacije ukuze bezokwazi ukusebenza nezingane ezincane,’ kusho uMkwalo.