UKWESELA uxhaso kuphuce abesibhakela KwaZulu-Natal, iqatha lokusingatha impi ye-WBC okuyibhande elihlonishwa kunawo wonke emhlabeni.
Abathandi bezamankomane unyaka odlule kulesi sifundazwe, bawusonge ngezindaba ezimnandi kuvela ukuthi u-Ayanda "Fireworks" Ndulani uzoxhimfana noLuis Castilla Soto kweyokuhlungela ukulwela ibhande le-WBF Minimumweight.
Nokho le mpi kayisezukuba bikho. Bekumele ibe kusasa, e-International Convention Centre (ICC), eThekwini. Obezonqoba phakathi kukaNdulani noSoto ubezothola ithuba lokuzama ukuphuca uPanya Pradabsri waseThailand, ibhale WBC World kulesi sindo.
Le ndumezulu yempi cishe obekukhulunywa ngayo kuwo wonke amakhona kwezamankomane, beyizoqhathwa iXaba Boxing Promotions ka-Ayanda Matiti wase-Eastern Cape, ngokuhlanganyela neMvelo Boxing Promotions neHle-Jobe Dladla kaHlengiwe Dladla.
Kuvele nokuthi uMatiti wuye obeza neWBC. Njengoba izimpi zakhe zisakazwa yiSuperSport, lo mqhudelwano bewuzosakazwa bukhoma kulesi siteshi esizimele.
UNomvelo Magcaba Shezi weMvelo Promotions, utshele Isolezwe ukuthi ukuswela abaxhasi balo mqhudelwano yiko okube yisizathu sokuthi ungalwelwa eThekwini.
Uqhube wathi nokho izindaba ezinhle ukuthi ngoMashi 11, bazoqhubeka neHle-Jobe Promotions nokwenza umqhudelwano wezamankomane.
"Angikuqinisekise ukuthi iMvelo Promotions neHle-Jobe Promotions ngeke besahlangana neXaba Promotions ekwenzeni umqhudelwano obuzoba nempi yeWBC. Kube ngaphezu kwamahlombe ethu. Sihluleke sancama ukuthola abaxhasi. Wonke umuntu olandela isibhakela uyazi ukuthi kuyabiza ukwenza umqhudelwano onempi yeWBC. Kudingeka ukuthi ujime ngempela ephaketheni. Kodwa akuphelile, uma konke kuhambe kahle ngasekupheleni konyaka ozayo, iKwaZulu-Natal izowusingatha lo mqhudelwano.
"Izindaba ezijabulisayo ukuthi ngeke abathandi besibhakela sibashiye kanjalo. NgoMashi 12, sineHle-Jobe sizokwenza ozoxuba abashayisibhakela abanohlonze," kubeka uNomvelo.
UHlengiwe uhambe emazwini kazakwabo ecela ukuthi abalandeli baphume ngobuningi ngoMashi 12.
"Ngesonto elizayo, sizokhipha uhlu lwabashayisibhakela abazobe beqhuthana ngoMashi 11. Sizophinde simemezele nendawo okuzolwelwa kuyona. Bekungeke kube umqondo ophusile ukuphoqelela impi yeWBC ekubeni izimo zingavumi. Kodwa-ke asililahlile ithemba, maningi amathuba okuqhatha impi yaleli bhande elihlonishwayo ngasekupheleni konyaka," kubeka uHlengiwe.
IKwaZulu-Natal yagcina ngo-2015, ukusingatha impi yokuhlungela ukulwela ibhande le-WBC
Sekuwumlando ukuthi uThabiso "The Rock" Mchunu wakhala ngaphansi kule mpi yeCruiserweight eyayiqhathwe iLudonga Boxing Promotions.