I-ATHLETICS South Africa (ASA) izoba nomhlangano wokubhunga ngemihlomulo okuzoklonyeliswa ngayo abasubathi abenza kahle kumaWorld Athletics Championship, angoJulayi 15-24, e-Oregon, e-United States of America (USA).
Ngeledlule i-ASA eholwa nguJames Moloi, imemezele iqembu labasubathi abangu-40 elilibhekisa eMelika.
Abesilisa bawu-27, kuthi abesimame babe ngu-13.
UMoloi utshele iphephandaba ukuthi beyi-ASA, balindele izindondo ezinhlanu. Akathandanga ukuzidalula ngokwezigaba zazo. Uthe izindondo uzilindilele kubasubathi abanjengoWayde van Niekerk, ongompetha womhlaba ku-400m.
Ngaphambi komqhudelwano, uVan Niekerk unqobe okokuqala kwi-track ebangeni lakhe. Ushaye intambo ngesikhathi esiwu-44.58 kwiStars and Stripes Classic, eGeorgia, eMelika.
Kanti no-Akani Simbine ozogijima u100m ne-4x100m kumaWorld Champs, akasalanga kulabo abathenjwe ngumengameli we-ASA.
Le nyamazane eyanqobela iNingizimu Afrika indondo yegolide kumaCommonwelth Games ango-2018, eGold Coast, Queensland, e-Australia, ngenyanga edlule ibe nesindlalelo esihle ngochungechunge iDiamonds League. Ngeledlule uSimbine unqobe umlenze obuseStockholm, eSweeden (10.02).
Ngonyaka odlule ubiseqenjini elinqobe igolide ku-4x100m, kumaWorld Athletics Relay Championships, ePoland.
UMoloi wengeze ngokubala noLuxolo Adams, ozobe egijima u-200m, eMelika. Ngenyanga edlule unqobe ibanga eliwu100m kwiRaymond Petit, Tomblane, eFrance (10.13). Kowandulela lo mjaho ku200m weDiamond League, eFrance, uphinde washaya intambo ngo-19.82.
Kuvela negama likaTerrence Munyai ozoyibamba ku100m naku-4x100m, kumaWorld Champs. Ngenyanga edlule ubegila izimanga eFinland.
"Ingijabulisile indlela abasubathi abaya eMelika, abenze ngayo emijahweni edlule. Lokhu kusinika ithemba lokuthi kukhona esizobuya nakho kumaWorld Champs. Silindele ukuthola ezinhlanu. Sesivumelene siyibhodi ukuthi kumele siklomelise abazokwenza kahle. Sifuna bagqugquzeleke njengoba sizoya kumaCommonwelth Games uma sibuya kumaWorld Champs. Kule mpelasonto sizoba nomhlangano esizoklama kuwo inkece esizoklemelisa abenze kahle," kubeka uMoloi.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2019 kumaWorld Champs abeseDoha, eQatar, iqembu laseNingizimu Afrika, alibuyanga nane yodwa indondo.