UKUBEKA ukuphepha nempilo yabantu phambili nokugwema ukubhebhetheka kwegciwane elibanga isifo seCovid-19 eNingizimu Afrika kwenza inhlangano eyengamele umdlalo wejubane kuleli, i-ASA, ingaphangi umdaka ngokufaka isicelo kuNgqongqgoshe wezemiDlalo, uNathi Mthethwa, sokubuyela komdlalo wejubane emzileni.
UMengameli wale nhlangano y-Alec Skhosana utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi ngeke baphanyeke izingane zabantu emnqamulezweni bazifake engozini yokuthi zigcine zihaqwe yilolu bhubhane.
“Umdlalo wezejubane uphephe kakhulu ngakho ngeke kuthi ngoba nakhu sibona ezinye izinhlangano zifaka izicelo bese nathi senza kanjalo.
"Umdlalo wethu uhlanganisa abantu abaningi ngesikhathi esisodwa, abaqhamuka ezifundazweni ezehlukene, iningi lazo zithathwa njenge sizinda seCovid-19,”kubeka uSkhosana.
Uthe abagijimi abakhululekile ekutheni bangabuyela ekugijimeni yilabo abagijima emiqhudelwaneni yamazwe omhlaba nakuma-Olympics.
“Abagijimi abafana noWyde (Van Niekerk) noma kuthe angaphumela ngaphandle wahaqeka, yibona esithe bangayingenela imijaho yamazwe omhlaba, abanye cha, asikabavuleli ngoba isimo lapha ekhaya sisemanzonzo,” kuqhuba uSkhosana egcizelela ngokuthi basazoqhubeka bakhele isimo umkhanya ukuze baqinisekise ukuthi sekuphephile ukubuyela emdlalweni.
Ngesonto eledlule uVan Niekerk, ongumpetha wama-Olympic ebangeni eliwu-400m, bekufanele agijime emqhudelwaneni obuseTrieste, e-Italy, lapho ebezogijima ebangeni eliwu-100m no-400m ube esetholakala ukuthi usehaqwe yigciwane iCorona.
Kuphinde kwatholakala ukuthi uma esephinda ehlolwa okwesihlanu kwatholakala ukuthi akasenalo nobekumvumela ukuthi usengaqhubeka nokusubatha. Kodwa ngenxa yokuthi ubesedonse negazi ube esenquma ukungabe esaqhubeka ukubhekelela isimo.
“Sizoqhubeka nokuthi silandele imithetho nemigomo kahulumeni.
“Kuyothi uma esethi sekuphephile nemidlalo isingabuyela ensimini, siyobe sesithatha isinqumo ngokusuku lokuqala kwemijaho. Sifuna abagijimi babuyele ekugijimeni ngaphansi kwesimo esijwayelekile sokusubatha, hhayi ngaphansi kwesimo esisibonayo ukuthi sisemanzonzo. Kithina impilo yomuntu ihamba phambili kunakho konke, umdlalo uza emuva. Angifuni sizwe amanzi ngobhoko ngezingane zabantu,” kuphetha uSkhosana.
USkhosana ukhuluma kanje, ezinye izinhlanga zemidlalo ezifana neSwimming South Africa (SSA) neSouth African Hockey Association (SAHA), nazo sezifuna ukubuyela emachibini nasezinkundleni njengoba kwenzeke esigabeni esikhokhelwayo sikanobhutshuzwayo.