USEMANZINI umndeni weSolezwe ngemuva kokushona kubeyintatheli yezemidlalo uNduduzo Dladla.
Izindaba ngoMgabadeli zifike izolo ekuseni nokushaqise wonke umsebenzi waleli phephandaba. Ushone ngemuva kokugula isikhashana.
UDladla (32) odabuka e-Enseleni, eGreytown, ufike kwiSolezwe ngo-2018. Kulesi sikhashana ekhona umsebenzi wakhe ubuzikhulumela.
Le nsizwa ebisencane, iyibekile induku ebandla nokugqame ngonyaka ka-2019. Ngalo nyaka uhlabane ngomklomelo weKZN Sports Journalist of the Year.
Kuthe kusajatshulelwa lokho, kwadlula izinyanga wabuya nomklomelo weSA Sports Journalist of the Year.
Njengoba unyaka ka-2020 ubunezivuvaba ngenxa yeCovid-19, uDladla uhambe kusawuyena intatheli ekhonyawo kwezemidlalo njengoba nyakenye ingazange ibe khona imicimbi yale miklomelo.
Umhleli wezemidlalo obambile, uLungile Majoka, ukhalisane nomndeni, izihlobo, nabangani ngokudlula kwaleli qhawe ebeliselisha.
“Ngizoqlala ngokucelela umndeni wakhe amandla okubhekana nalesi simo. Ngiyazi ukuthi ubuhlungu benu bungaphezulu kwalobu esibuzwayo. Kubuhlungu futhi akukholakali okwenzekile. Besinethemba lokuthi sisazobuye sihlangane noNdu uma sekuphele lo mkhuhlane ofikile njengoba okwamanje sisebenzela emakhaya. Sizomkhumbula ngokufika akhombise intshisekelo anayo nokuhlale elwela ukuthola iqiniso emsebenzini wakhe. Sisebenzisane kahle naye futhi besisabheke ukuhlabana okukhulu kuyena.
“Ngala mazwi angizikhulumeli mina kodwa ngikhulumela bonke ozakwethu, abasekhona nalabo abangasekho enkampanini,” kusho uMajoka.
Hamba kahle Mgabadeli, ulale ngokuphumula!