SITHEMBISO MKHIZE
KONKE sekulele ezandleni zikaZolani "Last Born" Tete (34) njengoba kuvela ukuthi uma enqoba namuhla, lo nyaka ungase usongwe esegixabezwe ngendumezulu yempi yebhande lomhlaba.
Leli nxele laseMdantsane, e-Eastern Cape, lizozama ukuphuca insizwa yaseDoncaster, uJason “The Iceman” Cunningham (32) ibhande le IBF International neleCommonwealth (British Empire) esisindweni seSuper Bantamweight.
Le mpi izolwelwa emphelandaba, e-OVO Arena, eWembley, khona e-United Kingdom. Kanti iQueensbury Promotions yakhona e-UK iyo egqugquzela le mpi ephinde ibe umqhathi kaTete.
Ngokusho kukaMlandeli Tengimfene oyimenenja kaTete, kulindeleke ukuthi impi kuleli iqale ngo-10 ebusuku ngawo uMgqibelo.
Nakuba la mabhokisa ezobanga i-IBF International hhayi i-IBF World kodwa le mpi ibaluleke ngendlela eyisimanga kuTete.
Ekhuluma naleli phephandaba eseWembley, uTengimfene, uveze ukuthi uma enqoba uTete kuCanningham, uzophela lo nyaka eselwele ele-IBF World Super Bantam.
Njengamanje lesi sicoco siphethwe uMurodjon Akhmadaliev wase-Uzbekistan.
Leli nxele liphinde libe yingqwele yeWBA Super World Super Bantam.
"Ngikhuluma nawe nje, uFrank Warren (ongumphathi weQueensbury) useke wafakana umlomo nabaphathi bakaMurodjon. Sifuna ukulwa naye uma siqeda ukunqoba kuCunningham. Okwamanje ngeke ngikwazi ukukuqinisekisa ukuthi nebhande le WBA lizofakwa yini kule mpi. Izingxoxo yima ziqaliwe. Konke kuzocaca uma uTete enqoba, " kubeka uTengimfene, oveze ukuthi sekuphele isonto beseWembly.
NgoNovemba 2019, uTete wagqemeka engeqiwa ntwala ephucwa uJohn Riel Casimero wasePhilippines, ibhande le WBO Bantamweight.
Kukhulunywa nje, elakuleli kalinalo nelilodwa ibhokisa eliphethe esinye sezicoco ezine ezihlonishwa umhlaba jikelele.
Lezi zicoco iWBC, WBA, IBF nayo belu i-IBF.
UTengimfene uveze ukuthi ahamba kahle kakhulu amalungiselelo abo.
“Noma kuthiwa bekungeyena uCunningham, wonke umuntu ophambi kukaTete ubheka phezulu. Ufuna ukugaxa amagilavu emgibeni ngezinga eliphezulu. Usenakho lokuya kulamba.”
Ebuzwa uTengimfene ukuthi banalo yini ulwazi ngesitha sabo, uthe: “Kumele sigawule sibheke. UCanningham uyibhokisa lezinga eliphezulu. Lokhu kufakazelwa ukuthi sekuphele izimpi eziyisikhombisa enqoba kulandelana. Uma unganakile, iringi ugcina eseyiphendula eyakhe.”
UCunningham ugcine amabhande akhe ewavikele ngoMeyi kuTerry le Couviour waseFrance. Okunye okuzononga impi yabo noTete ukuthi bobabili bangamanxele.