UBHEKE ukuthola isithombe esingcono ngohlobo lwabadlali anabo eqenjini lesizwe umqeqeshi omusha weqembu lesizwe le-netball lakuleli, uNorma Plummer.
Lo mqeqeshi, odabuka e-Australia, ubuyiselwe kulesi sikhundla kule nyanga ezovala isikhala sikaDorette Badenhorst. UPlummer ubengumqeqeshi waleli qembu lesizwe phambilini, phakathi kuka-2015 kuya ku-2019.
AmaProteas ahlale izinsuku eziyishumi ekhempini ebibanjelwe ePotchefstroom ngaphambi kokuthi adlulele ePitoli lapho kuzoqala khona iDiamond Challenge ezobanjelwa eRembrandt Hall kusukela namuhla ntambama.
Elakuleli lizodudulana neScotland ngo-2 ntambama bese kuthi iPresident's XII litholane phezulu neZimbabwe ngo-4 ntambama.
UPlummer uzolekelelwa nguDumisani Chauke noNichole Cusack eqenjini elikhulu. IPresident's XII izocijwa nguSameshia Esau, iphini lakhe kube ngu-Elsunet du Plessis.
"Kuyangijabulisa ukubuyela kuleli qembu ngizobona ubuso engibaziyo nengingabazi. Selokhu ngagcina ngo-2019 ukuqeqesha leli qembu, ngesikhathi ngizolekelela kumaCommonwealth Games, bengingasebenzi nabadlali. Izinto zishintshile njengoba abanye abadlali sebawagaxa emgibeni kodwa yithuba elihle lokuhlola iqembu esiliqokile,” kusho uPlummer.
“Lo mqhudelwano uyingxenye yamalungiselelo ethu eQuad Series ezodlalwa ngoJanuwari. Ngihlele ukubheka ukuthi abadlali bamelana kanjani nengcindezi, izinhlanganisela ezehlukene nokuthi yibaphi esizobafaka eqenjini labadlali abangu-12 lokugcina."
Ukaputeni wamaProteas, uBongiwe Msomi, uthe kumjabulisile ukubuya kukaPlummer futhi ukholwa wukuthi iqembu seliwulungele lo mqhudelwano ngemuva kokuzilolonga ndawonye ePotchefstroom.
"Abadlali bawubheke ngabomvu lo mqhudelwano. Uma kukhulunywa ngeqembu elisheshayo ukumelana nezinguquko liqhubekele phambili kusuke kukhulunywa ngaleli qembu lamaProteas. Izintokazi zizimisele ngempela futhi leli ngelinye ithuba lokuthi sithuthuke ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.
"Ngike ngasebenza noNorma ngaphambilini futhi wonke umuntu wayibona imiphumela nendlela esadlala ngayo. Kuyintokozo ukuba naye eqenjini futhi, hhayi kumina kuphela kodwa kuwo wonke umuntu.
“Siyamhlonipha njengomuntu ngaphambi nje kokuthi aqale nokusiqeqesha. Okumele ukwenze njengomdlali ukulalela umuntu osuke ephambi kwakho, umhloniphe, wethembe izinhlelo zakhe bese usebenza kanzima,” kusho uMsomi.
"Yilokho esikwenzayo. Ezinye izinto kumele zilungiswe yilabo abaphethe. Umsebenzi wethu njengabadlali wukulandela izinhlelo nokusebenza kanzima, yilokho esikwenzayo njengamanje."
Iqembu lamaProteas: Khanyisa Chawane; Izette Griesel; Boitumelo Mahloko; Phumza Maweni; Nomfundo Mngomezulu; Bongiwe Msomi (c); Refilwe Nketsa; Lenize Potgieter; Monique Reyneke-Meyer; Nicola Smith; Elmeré van der Berg; Nicholé Taljaard; Shadine van der Merwe; Zanele Vimbela, Ine-Marí Venter.
Iqembu lePresident's XII: Shannon Bartlett; Jessica du Plessis; Didintle Keebine; Sikholiwe Mdletshe; Kamogelo Maseko; Nonsikelelo Mazibuko; Sesandile Ngubane; Ané Retief; Rolene Streutker; Jeanté Strydom; Tinita van Dyk.