UGCULISEKILE ngendlela iqembu lakhe eliqale ngayo emidlalweni ye-Africa Netball yokuhlungela iNdebe yoMhlaba umqeqeshi weqembu lakuleli le-netball, uDorette Badenhorst, futhi ukholwa wukuthi bazoya ngokuqina emidlalweni ezayo.
Umqhudelwano oseRembrandt Hall ePitoli, uqale ngeSonto, uzosongwa ngoMgqibelo.
AmaProteas aseqoqweni iPool A neNamibia, Zimbabwe, Botswana neTanzania. IPool B iqukethe iMalawi, Zambia, Kenya, eSwatini kuphela kulandela ukuhoxa kwe-Uganda.
Iqembu lakuleli selivele lizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo njengoba lizosingatha wona umqhudelwano eKapa.
Amanye amaqembu asephakathi yi-Australia, New Zealand, Jamaica, England, ne-Uganda, angene ngenxa yokukleliswa phezulu emhlabeni.
EzikaBadenhorst ziyinqobe yomithathu imidlalo yamaqoqo ezisayidlalile, zidla iBotswana ngo 60-37, Namibia ngo 66-38 neTanzania ngo 58-30.
Umqeqeshi uchazwe ngabadlali abafana noNomfundo Mngomezulu, Tarle Mathe noBoitumelo Mahloko, abaqalayo ukugijima eqenjini lesizwe emqhudelwaneni.
"Kubaluleke kakhulu ukuthi sibanakekele abadlali bethu futhi sinikeze nabanye amathuba okudlala. Abadlali abangakaze badlale kuleli zinga phambilini, bakhombise ukwethuka ekuqaleni kodwa ngemuva kwesikhashana bese bejwayele. Bayilandele kahle imiyalelo futhi ngijabule ngamagalelo abo,” kusho uBadenhorst.
Amaqembu amabili azoqhwakela eqoqweni ngalinye azodlulela kweyandulela owamanqamu. Amanye azobe esebanga ukuqeda ezindaweni ezingcono.
AmaProteas asenomdlalo owodwa wamaqoqo azowudlala neZimbabwe ngoLwesine ngo-12 emini. UBadenhorst uyethemba ukuthi ezakhe zisazolinyusa izinga kweyomkhumulajezi.
“Ngicabanga ukuthi iZimbabwe iyiqembu eliqinile ngakho-ke sizosebenzisa sonke isikhathi esinaso ukuyihlelela. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyayihlaziya kahle, singene enkundleni sesiwulungele umdlalo,” kusho umqeqeshi.
“Sifuna ukuba sezingeni eliphezulu kowandulela owamanqamu singafiki nabadlali abakhathele. Ngijabule ngezinga esikulona futhi sizoqhubeka nokunakekela abadlali ukuze uma sesidlala esigabeni somkhumulajezi sizame ukunqoba ngamagoli amaningi."
Imidlalo eyandulela owamanqamu izodlalwa ngoLwesihlanu ntambama ngo-1 nango-3, owamanqamu uzokuba ngoMgqibelo ngo-1.