IQEMBU lesizwe lakuleli le-table tennis litheleke kuleli ngeSonto ebusuku ngemuva kokuhlala amasonto amathathu lizilolongela e-India.
Le khempu, ebibanjelwe edolobheni iNew Delhi, ibiyingxenye yamalungiselelo eWorld Table Tennis Championships ezoba seDurban International Convention Centre (ICC) kusukela ngoMgqibelo kuya kuMeyi 28.
Iqembu labesilisa liholwa ngumpetha wakuleli, uTheo Cogill, ozobambisana noChetan Nathoo, Liam Beukes, noDean Levy. Elabesifazane libunjwe nguDanisha Patel, ongumpetha kazwelonke, noZodwa Maphanga, Musfiqur Kalam noLaila Edwards.
Umqeqeshi, uSimon Gologolo, uthe ugculisekile ngokuthuthuka kweqembu futhi ulindele ukuthi liqhubeke ekhempini yokugcina lapho lizolekelelwa khona ngabaqeqeshi ababili baseChina.
“Kumele ngibonge iSouth African Table Tennis Board ngokusivumela ukuthi sizilolonge eDelhi amasonto amathathu. Esikufunde khona kuyamangalisa,” kusho uGologolo.
“Iqembu lisebenze kanzima usuku nosuku. Bonke bazikhandlile kusukela osukwini lokuqala kuze kube usuku lokugcina. Bathinte okufanele bakwenze etafuleni, bazivocavoca baphinde baqeqeshwa nangokomqondo.
“I-STAG Table Tennis Academy isamukele ngezandla ezimhlophe, iholwa ngumqeqeshi uSandeep Gupta. Abadlali bethu bebengcweka nabadlali abaseqophelweni eliphezulu abavela ezindaweni ezahlukene emhlabeni.
“Ngicabanga ukuthi iqembu selingcono selokhu siye eDelhi futhi sesiyilungele inselelo. Sikulungele ukumela izwe lethu, sizimisele ukwenza konke okusemandleni ethu.”
Iqembu laseChina, okuyilona elithwelwe ngeqoma kulo mqhudelwano, lifike ngoLwesihlanu oludlule. Abanye abadlali abahamba phambili e-Afrika nasemhlabeni bazoqhubeka nokutheleka kuleli kuze kushaye isikhathi sokuqala komqhudelwano.